Izindaba

Isigwebo esiqinile kovume elokubulala uSindiso Magaqa

Updated

USibusiso Ncengwa owavuma icala lokubulala uSindiso

Image: Sicashunwe kwi-video enkantolo

ITHOLE isigwebo esiqinile inkabi elahlwe yicala lokusoconga owayengunobhala jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa. INkantolo eNkulu eMgungundlovu igwebe uSibusiso Ncengwa iminyaka engu-25 ebhadla ejele ngecala lokwakha itulo lokusoconga uMagaqa.

IJaji Nontuthuzelo Mlaba ligwebe uNcengwa iminyaka engu-25 ngecala lokusoconga uMagaqa. Uphinde wagwetshelwa amacala okuzama ukubulala, ukulimaza impahla kanye nawokutholakala nesibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni. Zonke lezigwebo uzozidonsa kanye kanye. UNcengwa wazivumela yena icala lokusoconga uMagaqa.

Evuma icala, uNcengwa waphinde wakhipha abanye athi babaeyingxenye yokwakhiwa kwetulo lokusoconga uMagaqa. UMagaqa wasocongwa ngo-2017 ebuya emhlanganweni wamakhansela kuMasipala waseMzimkhulu. Kuthiwa wabulawelwa ukukhononda ngenkohlakalo eyayenzeka kulomkhandlu.

Icala likaMpofana noMyeza lizobuyela enkantolo ngo-6 Okthoba 2025 lapho lizoqulwa khona. UNcalane owahlonzwa njengongakulungele ukuqula icala, ugcinwe esikhungweni sabagula ngengqondo.

Namhlanje le nkantolo igwebe uNcengwa odililajele ababili ngokubika icala.