ESINYE sezigebengu ebezimbamba inkunzi enxanxatheleni yezitolo, eWorkshop, eThekwini, izolo sidubule esinye onyaweni ngephutha.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, amadoda amane abehlome ngezibhamu angene kule nxanxathela abamba inkunzi kwesinye sezitolo, athe esephuma eyodwa yadubula enye onyaweni.
UCaptain Nqobile Gwala okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe amadoda amane angene kule nxanxathela yezitolo abamba inkunzi kwesinye sezitolo.
"Laba basolwa bakhombe abasebenzi ngezibhamu, bathatha namaselula abo. Kuthe sebethi bayabaleka esinye sezigebengu sadubula esinye ngephutha onyaweni kodwa baqhubeka babaleka," kusho uCapt Gwala.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo e-Emer-G-Med, uMnz Kyle van Reenen, uthe bafike kule ndawo ngemuva kokuthi bebikelwe ukuthi kuqhume isibhamu, batshelwa ukuthi kube khona ukudulana okwenzeke ngaphakathi kule nxanxathela kodwa abaficanga muntu obelimele.