KWEQE iziboshwa ezingu-31 ngemuva kokuthi amadoda amahlanu abehlome ngezibhamu ezinkulu evimbe iloli yamaphoyisa ebilayishe iziboshwa ezingu-45 izolo ekuseni.
Lezi ziboshwa ezisalinde ukugwetshwa bezisuswa ejele eNew Prison ziyiswa eNkantolo yeMantshi eMgungundlovu ngo-8 ekuseni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe ibinamaphoyisa amabili iloli evinjezelwe ngamadoda abehamba ngeveni.
“Abasolwa bakhombe amaphoyisa ngezibhamu base beyovula iloli ngemuva. Kweqe iziboshwa ezingu-31 ezingakagwetshwa,” kusho uNaicker.
Ngokuhamba kwesikhathi uNaicker uthe kuphinde kwaboshwa ezingu-25 njengoba manje zingu-20 kuphela ezisagcwele amathafa.
Isolezwe lihabule ngomthombo walo ukuthi abasolwa bebehamba ngeveni iNissan behlome ngezibhamu ama-AK47 kulesi sehlakalo esenzeke emgwaqweni uDevonshire phakathi kwejele nenkantolo.
Isigameko silandela esenzeke ngoMashi 26 eNkantolo eNkulu eThekwini lapho kweqe khona iziboshwa ezimbili ebezilindele ukugwetshwa.
UMboniseni Shozi (40) noThobani Shozi (26) sebekhishelwe incwadi egunyaza ukuthi baphinde baboshwe, kwakhuthazwa umphakathi ukuthi ubikele amaphoyisa uma ubabona.