ZIYAVUTHA izangoma zaseMzimkhulu ezithi zoxoshwe ebandleni esezisonte kulo iminyaka ngoba umfundisi ethi ibandla sekungelabasindisiwe
ZIVUTHA zingabaselwe izangoma ezithi zixoshiwe ebandleni labasindisiwe laseMzimkhulu.
ZIVUTHA zingabaselwe izangoma ezithi zixoshiwe ebandleni labasindisiwe laseMzimkhulu.
ISolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi kusuke isidumo ebandleni uMthombo weNsindiso ngeledlule ngesikhathi umholi walo uMfu Norman Zikhali ememezela ngokusemthethweni ukuthi akasazidingi izangoma kuleli bandla.
Kuthiwa uNkk Nelisiwe Mncube oyisangoma esaziwayo kule ndawo uvele wehluleka ukuzibamba, wavela waqonda ngqo kuMfu Zikhali wamsakaza ngempama ephindelela phambi kwamakholwa.
Kuthiwa ubembuza emehlweni ukuthi usisithathaphi isibindi sokuthi ame phambi kwabazalwane ebese ebukisa ngezangoma.
Kuvela ukuthi leli bandla phambilini belikade likholelwa ezintweni zesintu, naye uZikhali ubekade eyisona isangoma.
Ilungu laleli bandla elipotshozele iSolezwe Ngempelasonto lolu daba lacela ukuba kugodlwe igama lalo lithe okwenzeke ngeSonto namanje abakakukholwa.
“Mina namanje leyanto eyenzekile kusenzima ukuthi ngiyikholwe. Thina besazi ukuthi ibandla lethu likholelwa ezintweni zesintu. Asazi manje ukuthi uZikhali yini le ayenzayo,’’ kuchaza leli lungu.
Limncomile uNkk Mncube ngokusukuma “aqondise ubugwegwe” kuZikhali.
“Lo muntu udlala ngathi, ufike wasifundisa ngokubaluleka kwamadlozi gwiqiqi yena futhi usesitshela ngensindiso,’’usho kanjena.
Ethintwa uZikhali uvumile ukuthi kube nesixakaxaka ebandleni kodwa wathi akasiboni isidingo sokuthi kubhalwe ngalolu daba.
Uthe usezelwe kabusha uthole umbono kuNkulunkulu wokuthi ngempela iyiphi indlela eya ezulwini futhi eneqiniso empilweni yomuntu osadla anhlamvana.
Uvumile ukuthi phambilini ibandla beligxile kakhulu ezintweni zesintu, wase ebuza ukuthi ubani kanti owathi iZayoni zingesindiswe?
Uthe izangoma uzixosha ngoba uyazi ukuthi ngeke besakhuluma into efanayo nazo ngoba yena izinto usezibona ngeso elijulile kakhulu likamoya.
UNkk Mncube uthe ushaye phansi kwashunqa uthuli, uZikhali uma ecabanga ukuthi kuzoba lula nje ukuthi amane axoshe izangoma kuleli bandla, akathule abheke.
“Uyagula lona, angafika akhombe indlela ebese eyajika. Asizona thina izilima futhi ngeke sidlale yena. Yingakho nje mina ngimane ngazifikela mathupha kuyena,’’ usho kanje ngokukhulu ukucasuka wase evala ucingo..
UNkk Nomalungelo Mzimela naye oyisangoma esikhonza kuleli bandla uthe badumele kakhulu ngesahluko esisha esesiqalwa uZikhali kuleli bandla.
Uthe okubakhathaza kakhulu yiminikelo yabo eminingi abayifakile kuleli bandla laze lakwazi nokuthi libe nesakhiwo sokukhonzela.
“Kumele asibuyisele imali yethu yesakhiwo. Phela lesi sakhiwo sakhiwa ngamandla ethu okwelapha abantu abagulayo,’’ usho kanjena.
Esinye isangoma uNkk Vumile Sibisi naye ushaye phansi ngonyawo wathi ngeke kugcine uZikhali. “Angifuni ukukhuluma ngale nto ngoba iyangicika. Kodwa mina ngeke ngizwe ngoZikhali,’’ eshaya ngamafuphi.
Related Topics: