Izindaba

Isidumbu sowesifazane obedukile

Zanele Mthethwa|Published

LUSEYINDIDA udaba lukaNksz Dawny Philile Mhlongo otholakale eseshonile okuthiwa wanyamalala ephuma emsebenzini ngoLwesithathu LUSEYINDIDA udaba lukaNksz Dawny Philile Mhlongo otholakale eseshonile okuthiwa wanyamalala ephuma emsebenzini ngoLwesithathu

UTHOLAKALE eseshonile owesifazane waseNtuzuma owanyamalala ngoLwesithathu okuthiwa wayegcinwe ehambe ngemoto okusolwa ukuthi ngeyakwa-Uber.

UNksz Dawny Philile Mhlongo (30), okuthiwa udume ngelikaKhwezi, wagcina ukubonakala ngo-4.30 ntambama ephuma emsebenzini eDurban North. Umndeni wakhe nezihlobo bese besabalalise izithombe zakhe ezinkundleni zokuxhumana befuna onolwazi ngokunyamalala kwakhe. Esinye isihlobo esibhale kuFacebook siveze nenombolo yemoto okuthiwa wayeyigibele egcina ukubonakala. Okwenza kusolwe ukuthi ngeyakwa-Uber wukuthi kuthiwa wayetshele ayegcine ukukhuluma nabo ukuthi uzoqasha yona. Abanye kuFacebook baveze ukuthi umshayeli wemoto uthe babedunwa yona, abasolwa bahamba nabo baya eSiphingo. Akucaci ukuthi umshayeli wasinda kanjani njengoba kugcine kunyamalale uNksz Mhlongo kuphela.

Udadewabo, uNksz Perseverance Mhlongo, uthe ngeSonto uyise uye esiteshini samaphoyisa eyothola eminye imininingwane ngalolu daba. Ucele ukuthi kuthintwe uyise uMnuz Nelson Mhlongo athe nguye owengamele yonke into njengoba amanye amalungu omndeni engekho eThekwini. UMhlongo uthe usaxinekile wagcina eseluvala ucingo. Isolezwe lithole ngosondelene nomndeni ukuthi sebewutholile umbiko wokuthi uNksz Mhlongo utholakale eseshonile.

UNksz Mhlongo kuthiwa ubengumcwali wezinwele onogazi enekhono lokucwala nobuso. Abanye kuFacebook bese bethi bayasaba besho nokuthi kumele kuthandaziswe umndeni ukuze atholakale esaphila.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-Colonel Thulani Zwane, uthe kutholakale isidumbu sowesifazane obekuvulwe icala lokuthi unyamalele eNtuzuma. Uthe sitholakale eSiphingo.

“Isidumbu sakhe besinamanxeba okudutshulwa ekhanda nasemzimbeni. Kuvulwe icala lokubulala eliphenywa amaphoyisa aseSiphingo,” kusho uZwane.

Ngesikhathi sokuloba uthe balinde umndeni ukuthi uzokhomba isidumbu ngokusemthethweni.