UMOYA wePhasika udungekile emphakathini waKwaDabeka J, eThekwini ngesikhathi kutholakala isidumbu sowesifazane sihlukaniswe kabili, safakwa izijumbana kucwazi omnyama.
UNksz Nkosingiphile Msomi (26) kuthiwa ubenezinsukwana edukile engaziwa ukuthi ukuphi.
Ilungu lomndeni kamufi, uNksz Sanelisiwe Mthiyane, lithe umphakathi ugasele esiteshini samaphoyisa ufuna incazelo ngophenyo.
“Thina sesifuna ubulungiswa manje kubanjwe umenzi wobubi avalelwe, athole isigwebo esinzima ukuze siduduzeke,’’ kusho uNksz Mthiyane.
Imithombo yasendaweni ithi umuntu obeya emsebenzini ekuseni uzithele phezu kwesidumbu sentokazi esencane sidalakacwe eduze komgwaqo, wakhuza wababaza wabiza abantu ukuthi bazombonisa umhlola.
Imithombo ithi owesifazane uyaziwa endaweni, wubebikiwe emaphoyiseni ukuthi ulahlekile.
Kuthiwa ukhona owesilisa oke wathathwa wayophoswa imibuzo, wabuye wadedelwa.
Isolezwe ngeSonto linazo izithombe zezijuqu, okubonakala sengathi isidumbu sinqunywe ngasokhalo sehlukana isingenhla nesingezansi. Kuthiwa lokhu kushaqise umphakathi futhi ufuna kuvele iqiniso lonke.
UMnuz Ndumiso Sibiya oyilungu leCommunity Policing Forum (CPF), uthe bashaqeke kakhulu futhi bacela amaphoyisa athole umsolwa ngokushesha bese eyajeza.
“Siyazigxeka kakhulu izigameko ezinje futhi umuntu owenze le nto akufanele ahlale emphakathini phakathi kwabantu. Kufanele asheshe atholwe ajeze,’’ kusho uSibiya.
Uthe noma wubani ongaba nolwazi akasize amaphoyisa ukuze kusheshe kutholakale isigilamkhuba. Abantu bendawo bebebuthene bezozibonela isidumbu esitholakele, bedangele besho ukuthi bafuna iqiniso lonke livele obala ngalolu daba.
Ikhansela lasendaweni, uMnuz Mzamo Billy lithe izenzo ezifuze lezi azifuneki nhlobo endaweni futhi okubaphatha kabi wukuthi sezithanda ukujwayela.
“Kuyacaca ukuthi izigameko ezinje ziyanda ngokushesha futhi kuyakhathaza. Yikho sinxusa amaphoyisa ukuthi asheshise uphenyo, athole umsolwa kulolu daba ukuze umndeni uthobeke amanxeba. Siyawududuza umndeni ukuba uthobeke amanxeba ngalesi sikhathi esibi kangaka,’’ kusho uMnuz Billy.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele uthe sitholakele isidumbu sowesifazane silahliwe. “Amaphoyisa aKwaDabeka aphenya icala lokubulala emuva kokuthi kutholakale isidumbu eSub 5. Kusolwa ukuthi umufi ubulawe wase eyolahlwa khona endaweni,’’ kusho uColonel Mbele.