KUTHOLWE isidumbu sendoda sinamanxeba okudutshulwa esifubeni ehostela iGlebelands, eliseMlaza, ngempelasonto.
Isidumbu sendoda eneminyaka elinganiselwa ku-24, okuthiwa ayaziwa, kuthiwa sitholwe ngasemnyango wendawo yokucima ukoma kule ndawo emuva kokuthi kuzwakale kuqhuma isibhamu, ngoMgqibelo ebusuku.
UNksz Vanessa Burger, oyisishoshosvu samalungelo abantu, uthe abanye abahlali bebengena kuleli hostela ntambama ngosuku lwesigameko ngesikhathi amalambu emoto abebehamba ngayo ekhanyisa izithunzi zabebebaleka besuka ngaseBlock O, okukhona kuwo indawo yokucima ukoma, behlome ngezibhamu. Kuthiwa abasolwa babonakale bebaleka emuva kwemizuzu embalwa kuzwakale ukuqhuma kwesibhamu.
“Abebesemotweni bazame ukuvimba abasolwa abebebaleka okuthe uma imoto ihlaba amalambu ngaseBlock S lapho abasolwa bebebaleka bebheke ngakhona, abahlali basehostela baqaphela ukuthi omunye wabasolwa useke wabandakanyeka ecaleni lokudubula ngesibhamu ngosuku lokhetho,” kusho uNksz Burger.
Uthe abasolwa bavele banyamalala. Uqhube wathi amaphoyisa anikwe lonke ulwazi oludingekayo okubalwa nemifanekiso yamakhamera njengoba uBlock O, okukholakala ukuthi ukudubula kwenzeke khona, uzungezwe ngamakhamera.
Ziningi izigameko zokubulawa kwabantu ezibikiwe ezenzeke kuleli hostela kusukela ngo-2014.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, usiqinisekisile isigameko.
“Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesehlakalo athole isidumbu sowesilisa oneminyaka engu-24 sidindilizile sinamanxeba okudutshulwa esifubeni. Kusolwa ukuthi udutshulwe abasolwa abangabonwanga. Kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eMlaza,” kusho uNaicker.
Uthe akukaboshwa muntu uphenyo luyaqhubeka.