KUPHUME isidumbu izelamani zasePhoenix, eThekwini zibanga ukuwasha izitsha ngeledlule.
UMnuz Nkanyiso Fakude (21) kuthiwa uhoshe ummese ezitsheni wabhokoda umfowabo omdala uMnuz Sifiso Fakude (26) ehlombe ngemuva kwengxabano evuthayo ekhishini.
Kuthiwa uSifiso ube esembhozomela emshaya kwaze kwangenelela namakholwa ePrince of Peace Ministries ahlala kulo muzi. Kuthiwa amakholwa amabili esilisa yiwo alekelele uSifiso ukuthi abophe umfowabo izandla nezinyawo ukuze bamshaye kahle esefakwe esakeni.
UNkanyiso okuthiwa ushaywe wanaba, ushonele esibhedlela iMahatma Gandhi ngemuva kokuphuthunyiswa khona.
USifiso nasolwa nabo okungo-Ayanda Dazela (27) noThabiso Tenza (24) bavele eNkantolo yeMantshi yaseVerulam ngoLwesithathu bakhishwa ngebheyili kaR1 500 umuntu emunye.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uqinisekise ukuthi abasolwa abathathu okubalwa nomfowabo kamufi bavele eNkantolo yeMantshi eVerulam ngoLwesithathu ngecala lokubulala.
“Bakhishwe ngebheyili kaR1 500 umuntu emunye. Icala lihlehliselwe * -Okthoba 30 ukuze kuqhutshekwe nophenyo,” kusho uCaptain Gwala.
Ngokusho kukanina kamufi, uNkk Nomusa Fakude (46) ushayelwe ucingo nguSifiso emtshela ukuthi usegwazwe wumfowabo.
“Ngisuke lapho ebengikhona ngaphuthuma ekhaya. Ngihlangane noSifiso nomsolwa wokuqala endleleni. Ungitshele ukuthi bekunengxabano phakathi kwabo besekhishini, uNkanyiso wadonsa ummese wamgwaza. Ngithukile saya kwadokotela kodwa wangasizakala, saya esibhedlela eGandhi. Angizange ngisabuza ukuthi uphi uNkanyiso, nabo bangasho ukuthi usele ekhaya ulimele,” kusho uNkk Fakude.
Uthe uzwe eseshayelwa ucingo etshelwa ukuthi akaphuthume azolanda uNkanyiso akasaphefumuli, balimazene nomfowabo.
“Ngenhlanhla kufike abanye abazalwane bamphuthumisa esibhedlela la ebesikhona. Ufike elimele kakhulu enengozi ekhanda nasemlenzeni engakwazi nokuhamba. USifiso uboshelwe esibhedlela, laba abanye bazinikela emaphoyiseni,” kusho uNkk Fakude.
Uthe ngo-2016 waze wahamba kwakhe ecasulwa yile nto yabazalwane abahlala kwakhe, kanti nomufi ubengayizwa eyokuhlala kwabazalwane kubo ngoba kuhlakaze umndeni.
Uqhube wathi ukube bebengekho laba bazalwane izingane zakhe bezingeke zixabane kuze kuphume isidumbu.
Uthe yize indodana yakhe izisola ngesenzo sayo kodwa ngeke alisule icala, uzoyekelela umthetho udlale indima yawo.
Uyise kamufi, uMfundisi Sipho Fakude, wale waphetha ukuphawula ngalolu daba.
Uthe ukhona uNkulunkulu abika kuye izinkinga zakhe.