ISIDLULILE emhlabeni ingoduso yomrepha wakuleli u-AKA, u-Anele “Nelli” Tembe.
Umndeni wakwaTembe nowakwaForbes uqinisekise lezi zindaba ezishaqisayo esitatimendeni ngeSonto ntambama.
“Sibuhlungu kakhulu ukunazisa ngokudlula kwendodakazi yethu u-Anele Tembe (22). U-Anele udlule kabuhlungu emhlabeni ngeSonto ekuseni. Sisathukile ngokushona kwakhe futhi sisazama ukumelana nakho njengoba ebeyintokazi ebinekusasa eliqhakazile...” kusho isitatimende.
Le mindeni iveze ukuthi kunzima ukududuza u-AKA njengamanje. Kuthiwa abasondelene naye banaye bazama ukumduduza. Imindeni icele ukunikezwa isikhathi sokuthi ibhekane nalolu daba ngasese.
UPDATE: Official statement from Tembe & Forbes family
— Kgopolo Mphela ☕️ (@PhilMphela) April 11, 2021
Anele Nellie Tembe, who was engaged to popular rapper Keirnan AKA Forbes, passed away this morning.
She was 22 years old. #RIPNellieTembe #RIPNellie #KgopoloReports https://t.co/WqKgxOVhVr pic.twitter.com/xSuUtai8QN
U-AKA ulobole uMaTembe ngenyanga edlule okuyizindaba ezathakaselwa abalandeli bakhe abaningi.
Imibiko yokudlula kwakhe emhlabeni iqale ukusabalala ngeSonto ekuseni ezinkundleni zokuxhumana kulandela umbiko ngowesifazane othanqazeke phansi esuka egumbini eliphezulu ehhotela laseCape Town iPepper Club Hotel ngeSontgo ekuseni.
Kuvela lezi zindaba nje u-AKA ubesanda kwethula isitolo sakhe sezimpahla ezitholakala online noNelli, iBhovamania Merch. Lo mrepha ubesanda kuveza ukuthi iculo lakhe iFinessin’ walibhala nayo ingoduso yakhe ngoba yayise-studio ngesikhathi eliqopha.
https://t.co/xHiVrwPnki NEW DROP AVAILABLE NOW. pic.twitter.com/FdZ8pGZEil
— AKA (@akaworldwide) April 7, 2021