Izindaba

Isidididi umsakazi evinjwa unogada ukungena emsebenzini

Nondumiso Gumede|Published

OSESITHOMBENI: U Taemane Leonard Legodi odume ngelika Lenny T Kwi Thobela FM

Image: Lennytlegodi /instagram

KUBE nesidididi umsakazi evinjwa onogada ukungena esangweni lakwaSABC ePolokwane, eLimpopo.

ULenny T ogama lakhe langempela uTaemane Leonard Legodi obesakaza kwiThobela FM uvinjwe unogada ukungena ebhilidini lakwaSABC Studios,ePolokwane, eLimpopo, kulandela ukusayina isivumelwano sokuba sohlelweni lwabasakazi abasha bonyaka u-2025 kuya ku-2026.

Kuthiwa lo msakazi wasayina inkontileka entsha ngomhla ka-31 Mashi kwadingeka ukuba aqale emsebenzini ngoLwesibili kodwa wangafonelwa ukuze azoqala.

Umthombo obikele abezindaba uthe lo msakazi uze wakhetha ukuziyela yena emsebenzini nokuyilapho evinjwe khona unogada.

“Bekumele aqale ngoLwesibili ukusakaza uhlelo olubizwa nge-Ditlalemeso kuThobela FM kusukela ngo-6 kuya ku-9 ekuseni, kepha bangamufonela kusukela ngalo uLwesibili noLwesithathu,  waze waziyela yena esiteshini ngoLwesine lapho evinjwe khona onogada ukuthi angene,” kusho umthombo.

ULegodi ufike esiteshini wavula isango kepha unogada wamnqanda ukuba angene, bahilizisane nonogada kwaze kwaba wukuthi ungena emotweni yakhe ubuyela emuva.

Kwenzeka lokhu-nje lo msakazi washalazela esinye isiteshi sakhona eLimpopo iCapricon FM eyayimfuna, waveza ukuthi ngeke awamukele umholo ka-R90 000 ngenyanga. .

Isolezwe