KULINDELEKE ukuthi ifake isicelo sebheyili indoda yaseWeneen esolwa ngokuvulela ngenhlamvu kubalimi kubangwa amasimu nyakenye.
UMnuz Bongani Ngubane waseNkaseni kuyo le ndawo, kuthiwa wavulela ngenhlamvu kubalimi abanqaba ukuqashisa ngamasimu abo ngo-Agasti nyakenye.
Ngokwamakomiti amabili okulawulwa komhlaba, uNgubane akalona ilungu labanikazi bomhlaba abanamatayitela kodwa womabili amakomiti amemukela ukuthi ahlale nomndeni wakhe, wasikelwa nensimu.
Ngokolwazi olutholwe yileli phephandaba umhlaba uphethwe ngamakomiti amabili, ikomiti lababuyiselwa umhlaba besahlala kulo ipulazi nekomiti eliphethwe abafaka isicelo sokubuyiselwa umhlaba abadingiswa ngumlimi, ebasola ngokwephula imithetho.
Womabili lawa makomiti asola uNgubane ngokuzama ukuhlwitha umhlaba kwabawubuyiselwa. Kuthiwa usungule ikomiti lesithathu elingazange lethulwe kubanikazi bomhlaba, leli komiti eliholwa nguye belithi amasimu mawangabe esalinywa kodwa aqashiswe kumlimi omhlophe owaziwa yikomiti lakhe.
Kusolwa ukuthi uNgubane wavumelana nomlimi ngaphambi kokuthi akhulume nomphakathi, okuthe uma usumchitha umphakathi wazama ukuwusabisa ngokudubula abase beqalile ukulima.
Usihlalo wekomiti labebevele behlala epulazini uMnuz Lotus Masoka, uthe umndeni kaNgubane wawungahlali epulazini kodwa bamemukela ngoba isigodi abahlala kuso sisodwa.
“Umhlaba wabuyela kithi ngo-2002, silima amahektha angu-100. UNgubane nyakenye usitshele ukuthi asingalimi ngoba usethole umlimi ozoqasha amasimu ethu ngemali engaphezulu kwesiyizuzayo ngomkhiqizo esiwutshalayo. Akazange aphumele obala ukuthi ubani lowo mlimi, ukuthi imalini azoyikhokha nokuthi uzoyikhokha kubani. Sabona ukuthi into ayishoyo ayibambeki sathi kungangcono ukuthi lowo mlimi aqashe amasimu alabo abavumelana nalokho,” kusho uMasoka.
UMnuz Ndoshi Masoka usihlalo wekomiti labafaka isicelo sokubuyiselwa umhlaba sebesekudingisweni uthe ngokwazi kwakhe uNgubane akekho ohleni lwababuyiselwa umhlaba kodwa ufuna ukubephuca umhlaba wabo.
“Ngingambiza ngomuntu ofuna ukuketula umbuso wethu, leli komiti lakhe asazi ukuthi lisungulelwe ukwenzani. Kube nomdonsiswano siphuma singena kubaholi sizama ukuthola isixazululo. Kuphethe ngokuthi thina banikazi bomhlaba ababhaliwe sithathe isinqumo sokuthi ngeke silawulwe nguye ngomhlaba wethu,” kusho uNdoshi.
UNgubane uboshwe ngenyanga edlule, ngoMsombuluko kulindeleke afake isicelo sebheyili.
UCapt Nqobile Gwala okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe uthe kwaboshwa indoda eneminyaka ewu-26 ngecala lokuzama ukubulala . Uthe kusolwa ukuthi yavulela ngenhlamvu kubalimi emasimini ngo-Agasti.
“Lo wesilisa uvele enkantolo ngoDisemba uzophinde avele ngoMsombuluko,” kusho yena.