ASIKHOLWANGA siphuma phambili isiboshwa ebesifunda u-matric ejele eWestville, eThekwini okuvele ukuthi siziqwaqwade zonke emakhanda ebezibhala izivivinyo eNingizimu Afrika.
UKwazi Chamane (22) waseNtuzuma uphase ngo-bachelor ewola o-A abane no-B abane ezifundweni eziyisishiyagalombili abezenza. Zonke izifundo uziphase ngo-75% nangaphezulu.
Ubefunda iMaths Literature, Life Sciences, Tourism, History, Geography, Life Orientation, isiZulu nesiNgisi. Uthole o-A kwiHistory, Tourism, isiZulu neLife Orientation.
Ufuna kuyomakwa kabusha amaphepha eLife Sciences nesiNgisi athole kuwo u-79% athemba ukuthi azobuya esewo-A akade ebagaqele.
UKwazi uthe uzofundela ukuba uthisha weLife Sciences nesiZulu yize kade ebhalisele iziqu zeBachelor of Science emanyuvesi ehlukene esifundazweni watshelwa ukuthi sekugcwele.
UKwazi ukhululwe ngoshwele onikwa iziboshwa ngoDisemba 30 nyakenye emva kokuhlala iminyaka emibili ejele emuva kokugwetshwa iminyaka emihlanu ngecala lokuphanga.
“Bengihlezi ngiphuma onombolo 4 noma 5 ekilasini, kungithusile uma sekuthiwa ngibe unombolo 1 eNingizimu Afrika ngemva kokukhishwa kwemiphumela ka-matric.Bengingakulindele neze okwenzekile bengibheke ukuba unombolo 3 noma 4, ngisathukile,” kusho uKwazi.
Waboshwa efunda uGrade 11 eGlenhaven Secondary, eVerulam ngenkathi ehlala eWaterloo ngo-2017.
Uyise uMnuz Mandla Chamane uthe nakuba emazi ukuthi uhlakaniphile uKwazi kodwa ubengalindele ukuthi aphume phambili.
Umfisele impumelelo wathi uzoqhubeka ameseke ekufezekiseni amaphupho akhe.
“Angifuni abuyele ekubhemeni izidakamizwa. Ngifuna aqoqeke agxile emfundweni,” kusho uChamane ngamafuphi.
UKwazi ube ngomunye wabahlonishwe uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo esifundazweni emcimbini obusejele eWestville izolo.
Izikole ezintathu zamajele aseKZN okuyi-Usethubeni Youth School, Ekuseni neQalakabusha ziwole o-100% wokuphasa kwabafundi.
Zithole ama-bachelor awu-26, ama-diploma ayisithupha neHigher Certificate eyodwa.
Umcimbi ubuthanyelwe ibamba lomphathi wamajele eKZN, uMnuz Kenneth Mthombeni, iphini likaMqondisi eMnyangweni wezeMfundo eKZN, u-Advocate Bheki Masuku, abaseDurban University of Technology, ojele neziboshwa eziphase kahle.
UMthombeni noMasuku babongele laba bafundi babeluleka ngokuthi baqhubeke nemfundo babewutho ngomuso.