I-SOUTH African Weather Service ixwayise abantu besifunda iKing Cetshwayo nabaseMkhanyakude ukuthi bahlale beqaphile ngoba kuzona imvula enamandla ehambisana nezikhukhula.
Isangoma sezulu, uMnuz Aslam Sardiwala, sithe imvula enamandla iqale ukuna izolo kanti izoqhubeka namhlanje ithi ukuba ngcono ngoLwesine inqamuke ngoLwesihlanu.
Uthe isimo asisibi eThekwini ngoba balindele u-60% wemvula ezonqamuka ngokuhamba kwesonto.
USardiwala uthe okwamanje kukhombisa ukuthi ngempelasonto isimo sezulu sizoba sihle ngeke kube nemvula.
Uveze ukuthi amazinga okushisa azoba phakathi kuka-15 kuya ku-20° eRichards Bay, abe phakathi kuka-16 no-21° eThekwini, abe phakathi kuka-9 no20° eMgungundlovu bese e-Underberg abe phakathi kuka-3 no-15°.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe basiqaphe ngeso lokhozi isimo emuva kokuba kuphume isexwayiso semvula enamandla.
Uthe amathimba abo ezinhlekelele alindele noma yini.
“Sicela abantu bahlale beqaphie, abashayeli nabahamba ngezinyawo baqaphele uma bezowela amabhuloho nemifula. Amathimba ethu ami ngomumo ukuhlenga abazodinga usizo. IKwaZulu-Natal ivamise ukushayeka uma kunezulu elina ngamandla ngoba kudilika izindlu kushone nabantu.”