AMAPHOYISA asekhiphe isexwayiso kubashayeli bezimoto abasebenzisa imigwaqo yaseMariannhill kulandela ukunyuka kwesibalo sezigameko ezibikwa emaphoyiseni zokudunwa kwezimoto kuleya ndawo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe sekubunjwe ithimba labaphenyi elizophenya ngalezi zigameko.
“Sekukhona amaphoyisa asehlezi ehla enyuka eqaphe isimo ukuqinisekisa ukuthi lezi zigameko ziyanqandwa. Sinxusa amalungu omphakathi ukuthi aqaphele kakhulu uma eshayela kule ndawo noma ehlezi ezimotweni,” kusho uCaptain Gwala.
Uveze izindlela eziphephile okumele zilandelwe ngabashayeli ezizokwenza kungabi lula ukuthi izimoto abahamba ngazo zidunwe.
Uthe abashayeli kumele bahlale beqinisekisa ukuthi izicabha namawindi ezimotweni abahamba ngazo kuvaliwe futhi umuntu angashiyi imoto yakhe ivuliwe kungakhalekile noma uzohamba isikhathi esincane kangakanani.
Uphinde wathi kumele baqikelele ukuthi abahambeli izindawo ezisehlane, benze isiqiniseko sokuthi izimoto zabo bazipaka ezindaweni eziphephile.
“Uma umuntu ongamazi efuna ukukhuluma nawe ungalivuli iwindi isikhala esingaphezu kuka-5 cm. Uma kukhona okusolisa ngomuntu ongamazi vele ungakhulumi naye udlule,” kuqhuba uCaptain Gwala.
Amanye amacebo anikezwe ngamaphoyisa angaba lusizo yilawa:
- Qikelela ukuthi wehlisa ukuhamba ebusuku noma uma kwenzeka unohambo ebusuku ungabi wedwa.
- Uma kwenzeka sebenzisa imizila ehlukile uma uya noma ubuya emsebenzini.
- Uma kusondela umuntu osolisayo ongamazi emotweni yakho, shaya uchithe noma ucindezele i-hooter ukuze abathile babone ukuthi kukhona okusolisayo.
- Okunye okwenziwa ngabaduni, bagudluza kancane imoto yakho benze ingozi encane khona bezothola ithuba lokuyiduna.
- Ungashiyi isikhwama semali noma impahla ehehayo ibonakala ngaphakathi emotweni.