Mbali Khanyile
ISINGENE yagamanxa intsha yakuleli otshwaleni osebuyintandokazi emalokishini nobungekho emthethweni obubizwa ngokuthi umzambiya.
Lo gologo okuthiwa awuhluziwe, ungenise ngesikhathi kuvalwe ukudayiswa kotshwala kuleli ngesigaba sesihlanu sikathaqa, kanti usuphenduke intandokazi yabantu abazifelayo ngokucima ukoma.
Iningi labantu abebengawuphuzi umzambiya, selicwile shi kuwona ngenxa yokujoveka nokutholakala kwawo ngamanani aphansi.
Lobu tshwala butholakala emalokishini ehlukene kulezi zinsuku nokukushiya nesithombe sokuthi nangesikhathi samaholidi buzobe buphuzwa.
Yize lobu tshwala bubukeka budlisa kulezi zinsuku, ongoti bezempilo bathi buyinkinga enkulu empilweni yomuntu njengoba bungahloliwe njengabo bonke utshwala obuthengwa ezitolo.
UMnuz Sthembiso Mdlanzi, wenhlangano elwa nokuphuzwa kotshwala nokusetshenziswa kwezidakamizwa, iSouth African National Council And Drug Independence, uthe ukuphuza utshwala kuholela ekutheni abantu abasha bagcine sebenza yonke into engalungile okufaka nezidakamizwa.
“Utshwala buyingozi futhi bubulala izitho zomzimba futhi abantu baphathwa yisifo somdlavuza. Kwesinye isikhathi budala izilonda esiswini ngenxa yokuphuza ngokweqile nokuphuza utshwala obungekho esimeni esilungele umzimba womuntu.”
Ubale ukulimala komqondo, izinso nesibindi njengezinye zezifo ezidala ukuthi abantu bagule.
Uthe kwesinye isikhathi buyamenza umuntu ukuthi aphazamiseke nasemqondweni uma esecwile kubona kakhulu.
“Obunye ubungozi botshwala wukuthi benza intsha igcine isingena ezidakamizweni ezifana nemigwinyo. Yingakho siyaye siyale abantu abadala ukuthi baziqaphele izinto eziphuzwa yizingane zabo.”
Uthe umzambiya unobungozi obukhulu ngoba awunawo amaphesenti acacisayo ukuthi umuntu kumele aphuze isikali esingakanani.
“Okubi ngawo wukuthi uzokwandisa isibalo sabantu abaphuza utshwala ngokweqile nangendlela engalawuleki ngenxa yokusebenzisa utshwala obungafanele ngendlela engafanele,” kusho uMdlanzi.