isexwayiso ngesimo sezulu esingesihle
Image: SITHUNYELWE
UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uqinisekisa ukuthi amathimba ezinhlekelele azobe esiqaphile isimo ezindaweni ezahlukene esifundazweni njengoba izangoma zezulu sikhiphe isexwayiso ngesimo sezulu esingesihle kusukela ngoLwesithathu.
ISouth African Weather Service isikhiphe isexwayiso sika-Level 2 mayelana nomoya onamandla ongadala umonakalo ezindaweni ezigudla ugu kanjalo nezifunda ezimaphakathi nezwe iHarry Gwala, uMgungundlovu, uThukela, Amajuba, uMzinyathi, kanye neZululand.
Lapha kubhekwe isivunguvungu esinamandla esingadala ukuwa kwezakhiwo nezihlahla okungaphazamisa imigwaqo eminingi. Umoya onamandla olwandle ungaphazamisa ukuhamba kwemikhumbi, nabantu abahlala eduze bangazithola besenkingeni nokungaphephi kwezakhiwo ezifana nemjondolo noma izakhiwo zesikhashana ezingaphephuka ngenxa yomoya onamandla
Umphathiswa uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, unxusa umphakathi ukuba uqikelele futhi uthathe izinyathelo zokuphepha ezifanele ngalesi sikhathi, ikakhulukazi abashayeli bezimoto nabantu abasondelene nolwandle.