ISOUTH AFRICAN SOCIAL SECURITY AGENCY (Sassa) ixwayisa ngendoda okuthiwa ithi idayisa amakhadi akwaSassa enkundleni yokuxhumana iFacebook.
Obambe kwesokuba yisikhulu sakwaSassa, uMnuz Abraham Mahlangu, uthe amakhadi abedayiswa asevaliwe ngeke asaba wusizo lwalutho kumuntu.
“Umphakathi uyexwayiswa ukuthi ungalingeki uze uzame ukuwathenga ngoba kawanamsebenzi. Ayikho imali yesibonelelo ezotholakala emakhadini antshontshiwe. Abantu abawathengayo bazozifaka enkingeni uma betholakala nawo ngoba bazobekwa icala lokutholakala nempahla eyebiwe.”
Ukhumbuze labo abathola isibonelelo ukuthi izinhlelo zakwaSassa zitholakala mahhala ngakho kufanele bakugweme ukunika abantu imininingwane yabo enjengezinombolo zikamazisi, izinombolo zokukhipha imali noma izinombolo zamakhadi abo akwaSassa. Uthe abantu abafuna lezi zinto basuke befuna ukubaqola.
“Ukudayiswa kwamakhadi akwaSassa akukho emthethweni futhi kuwubugebengu. Abantu abahola isibonelelo kufanele babike lezi zigameko emaphoyiseni noma babike kwaSassa. Abasebenzi bakwaSassa kabayifuni imali kubantu uma bebatholela amakhadi. Labo abahola isibonelelo kufanele bakhumbule ukuthi inombolo yokukhipha imali iyimfihlo nokuthi akufanele banike omunye umuntu inombolo yekhadi nekamazisi,” kusho uMahlangu.
Okhulumela abakwaSassa, uMnuz Paseka Letsatsi, unxuse abantu abathola isibonelelo ukuthi babe mehlomane ukuze bangabi abagilwa bokuqolwa isibonelelo. Abafuna ukubika ubugebengu besibonelelo bangathinta abakwaSassa ku-0800 601011. - African News Agency (ANA)