UYAVEVA umphakathi waseLindelani ngenyanga yasendaweni esolwa ngokugwaza ibulale ibhungu, okuvela ukuthi sekungokwesithathu igila umhlola ofanayo kule ndawo.
UMnuz Zotha Ndimande (21) wakwa-D eLindelani eThokoza, kuthiwa ushonele emtholampilo ngoMgqibelo ntambama ngemuva kwesikhashana engeniswe kuwo enamanxeba amabili okugwazwa entanyeni
Umndeni uthe awuyazi imbangela yokubulawa kwelungu lawo wumsolwa okuthiwa uzibiza ngenyanga.
Isihlobo sikaNdimande esingathandanga ukudalulwa ngenxa yobucayi bodaba sithe umsolwa okuvele ukuthi usagcwele amathafa, uyisixhwanguxhwangu esesatshwayo kangangoba sekungokwesithathu egwaza umuntu endaweni, umfana wokuqala kuthiwa wamgwaza ngo-2011 washonela endaweni yesigameko.
“Asinalo ulwazi lokuthi babangeni ngoba bebebobabili. Umgwazele egcekeni kwakhe (umsolwa), uZotha wazama ukubaleka kodwa waphelelwa amandla wawa. Umsolwa selokhu abaleka ngaleso sikhathi namanje akaziwa ukuthi ubhacephi,” kusho leli lungu.
Sithe uNdimande yize ubemncane ngokweminyaka kodwa ubewusizo kakhulu kubafowabo njengoba bekunguyena obabhekelelayo kwazise abasenabazali.
“Sikhulu isilonda esivulekile ngokuhamba kwakhe ikakhulu kubafowabo abancane nasezinganeni zakhe ezimbili. Isikhathi esiningi ubetohoza, yena nabangani bakhe bebelungisela abantu izindlu obekuyimali abeyisebenzisa ukondla izingane zakhe. Ubethembisa ukuthi uzoba wubaba uqotho,” kubalisa isihlobo.
Kuvele ukuthi umsolwa ungaphandle ngebheyili ecaleni lokudlwengula elenzeka khona endaweni. Kuthiwa ngo-2011 uboshelwe icala lokugwaza umfana wendawo owashonela endaweni yesigameko, okuthe uma ephuma ejele, wabe esezibiza ngenyanga waqala lapho ukwenza umsebenzi wokwelapha.
Ekhasini lomphakathi waseLindeni, iLindelani Community (News update page) ku-Facebook, umphakathi ububhodla umlilo ngalesi senzo bebodwa abathi umphakathi kumele uzibambele mathupha kumsolwa, umchaza njengomuntu owuhlupho kakhulu endaweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthembise ukubuyela entathelini ngalolu daba kodwa imiyalezo nocingo ubengasaluphenduli kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.