ISEKUBHACENI imenenja yomculi kamaskandi osanda kushona uMjik’jelwa Ngubane ngenxa yezinsongo zokuyibulala okuthiwa zivela kumfowabo walo mculi uMnikezwa Ngubane.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto ngomthombo walo ongashayi eceleni, uThembi Ngubane oyimenenja kaMji’jelwa useze washiya ekhaya wayohlala eGoli ngenxa yokubhekana ngeziqu zamehlo noMnikezwa okuthiwa useke wasabisa nangokumdubula uma engagudluki ezintweni zomfowabo.
Yize uThembi eyimenenja kaMjik’jelwa, uphinde abe yilungu lalo mndeni.
Inkinga kuthiwa idalwe ukuthi uThembi njengemenenja kaMjik’jelwa uthathe isinqumo sokuthi amaqembu alo mculi ongasekho enganyelwe wuBheki Ngubane oyiwele likaMnikezwa.
UTHEMBI Ngubane oyimenenja kaMjik’jelwa okuthiwe ubhace eGoli ngenxa yengxabano ephakathi kwakhe noMnikezwa Isithombe:
UMnikezwa kuthiwa ufuna kube uyena owengamela zonke izinto zikamfowabo ezithinta umculo.
“Kumanje uThembi usehlala eGoli ngoba ugwema ukuhlangana noMnikezwa. Useke wathola ngisho nemiyalezo eqhamuka kuMnikezwa emtshela ukuthi uzomdubula uma engafuni ukugudluka ezintweni zakwabo.
Baningi nabantu asebexwayise uThembi ukuthi aqaphele ngoba uMnikezwa akafuni nokumbona futhi uyasho kubantu ukuthi uzogcina emdubulile uma enenkani,” kusho umthombo.
Uqhuba umthombo, uthe lokhu okushiwo wuMnikezwa uyakukholwa ukuthi uzokwenza ngendlela akhombisa ngayo intukuthelo uma ekhuluma ngoThembi.
Uthe kwesinye isikhathi ukhuluma aze aqhaqhazele kungavumi ngisho ukuthi kuphume izwi uma ekhuluma ngale ndaba.
Ethintwa uThembi uvumile ukuthi kukhona ukungaboni ngasolinye noMnikezwa ngenxa yamaqembu kaMjikijelwa.
“Nginqume ukuthi ngiyohlala eGoli ukuze ngishaywe umoya ngenxa yalesi simo. Inkinga ukuthi uMni (uMnikezwa) uyithatha ngokwefa indaba yamaqembu kaMjik’jelwa kanti akumele kube kanjalo.
"ndaba yamaqembu kamfowabo iyibhizinisi ngoba wonke abhaliswe ngaphansi kweMjik’jelwa Music Productions ebesivele siyiphethe naye uMjik’jelwa. Nginamandla alinganayo nakaMjik’jelwa okusingatha inkampani,” kusho uThembi.
UMFOWABO kaMjik'jelwa uMnikezwa Ngubane okuthiwa ubhekene ngeziqu zamehlo nemenenja kaMjikijelwa
UMnikezwa uthe akulona iqiniso ukuthi usabisa uThembi.
“Khona sengike ngezwa abantu bekhuluma kuthiwa kukhona ongithukayo kodwa engeke ngimdalule okwamanje.
“Ngokwezinto ezithinta umfowethu (uMjik’jelwa) angikazokwazi ukukhuluma ngazo okwamanje kuze kube siyahlambuluka.
“Njengamanje ngisekhaya uThembi akekho khona futhi angimazi ukuthi ukuphi. Sigcine ukuba ndawonye ngosuku lokungcwatshwa kukamfowethu.
“Ayikho nemiyalezo emsabisayo engimthumelela yona ngoba angimfoneli vele,” kusho uMnikezwa.