BAZOKWENZA olwabo uphenyo lwangaphakathi abeSouth African Social Security Agency (Sassa), ngowesifazane owayeyisisebenzi sabo, obanjwe nenqwaba yamakhadi okuthiwa ubehola ngawo izibonelelo zikahulumeni ngokungemthetho.
Lokhu kushiwo okhulumela iSassa KwaZulu-Natal, uNksz Sandy Godlwana izolo.
Umsolwa (37) onesithabathaba somuzi eCamperdown, ngaseMgungundlovu, uboshwe ngoLwesine amaphoyisa ophiko lwezobunhloli iCrime Intelligence, ebambisene nalawo aphenya ubugebengu obuhleliwe, i-Organised Crime.
UNksz Godlwana uthe kuyiqiniso ukuthi kukhona owesifazane oboshwe amaphoyisa ngecala eliyamane nezibonelelo zakwaSassa.
“Umsolwa wayeqashwe iSassa ngaphansi kohlelo i-Expanded Public Works Programme (EPWP), phakathi kuka-Okthoba 2012 kuya kuSepthemba 2013,” kusho uNksz Godlwana.
Uthe abakuthole ngamaphoyisa ukuthi ubanjwe namakhadi angu-180, okukhona kuwo awasemabhange ahlukahlukene, kanjalo nawakwaSassa.
“Silutholile lonke ulwazi ngalokhu siyiSassa, sizokwenza olwethu uphenyo ngalolu daba,” kusho uNksz Godlwana.
Ube esekuqinisekisa nokuthi umsolwa akasayisebenzeli iSassa, waveza ukuthi ngesikhathi eyisebenzela, wayebekwe ehhovisi lawo eliseThekwini.
Elandisa ngohlobo lomsebenzi ayewenza ngesikhathi esabasebenzela, uthe wayeqashelwe ukuthi alekelele ngesikhathi kubhaliswa kabusha izibonelelo.
“Okwakhe kwakuwukusiza njengomabhalane, esiza ngokugaya nokugcwalisa amaphepha,” kusho uNksz Godlwana.
Uthe ufuna ukucacisa ukuthi asikho isisebenzi esisebenza ngaphansi kophiko lwe-EPWP, esike sinikwe ilungelo lokungena kwi-system lapho okuhlelwa khona izicelo zezibonelelo.
Ngokuthola kweSolezwe umsolwa ubanjiswe ukuthenga ngokheshi iToyota Fortuner okuthiwa ibiza uR600 000.
Emakhadini abanjwe nawo, kukhona ahola ngawo izibonelelo zokuguga, kube ezabakhubazekile, ezezingane ezashonelwa abazali kanjalo neseqolo.
Kuthiwa njalo ngenyanga ubehamba ayoyikhipha le mali emabhange ngamakhadi, bese eyifaka ebhange lakhe.
Kuvela ukuthi ikhadi ngalinye libhalwe igama nesibongo "somnikazi" kanjalo nenombolo eyimfihlo yokukhipha imali ekulo.
Kuthiwa njalo uma eseyofaka le mali ebhange lakhe ebibalelwa kuR80 000, ubeye athi uyazisebenza, unebhizinisi lokupheka kanti aphinde athi usebenza kwaShukela.
Okunye okuvelile ukuthi unemizi emithathu yentengo kaR3 million, okuthiwa yonke ayikweleti.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseMid Illovo abophe owesifazane obanjwe nempahla okusolwa ukuthi yebiwe.
“Phakathi kwayo, kutholwe inqwaba yamakhadi asebhange emzini wakhe ngoJuni 5, 2025. Uvelile eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngoJuni 6, 2025,” kusho uConst Ngcobo.