I-SOUTH African Social Security Agency (Sassa) izoqala uhlelo lokuthatha amanyela eminwe abasebenzi bashuthwe nobuso njalo uma besebenzisa ama-khompyutha ukuze ilwe nenkohlakalo.
UNksz Sandy Godlwana obhekelele ezokukhangisa nokuxhumana eSassa, KwaZulu-Natal, uthe maduze abasebenzi bazoqala ukusebenzisa uhlelo olubiza nge-socpen ngakho kubalulekile ukuthi basebenzise i-biometric uma bengena kulo.
Uveze ukuthi abasebenzi bazoqala ukuqeqeshwa ngesonto elizayo.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMnuz Les Govender okhulumela i-IFP kwezokuthuthukiswa komphakathi esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uthe iSassa kufanele icacise kabanzi ngezinhlelo zayo zokuqeda amakhadi omkokotelo.
Usho lokhu emuva kokutholwa kwamakhadi omkokotelo eZululand ngamaphoyisa akade elwa nobugebengu.
UNksz Godlwana uthe ukuthulwa kohlelo lwe-biometric kuzosiza ukuqeda inkohlakalo nokukhwabanisa kwaSassa kodwa uhulumeni uyaludinga usizo lomphakathi.
“Uhulumeni uyadinga ukusizwa umphakathi ukulwa nokukhwabanisa nenkohlakalo. Siyacela abantu basibikele uma benolwazi ngenkohlakalo ethinta izibonelelo zikahulumeni. Lukhona uhlelo lokuthi babike ngaphandle kokudalulwa amagama. Sisebenzisana nezinhlaka ezihlukene zomthetho ukuqinisekisa ukuthi abathinteka kwinkohlakalo yezibonelelo zikahulumeni bayajeziswa,” kusho uNksz Godlwana.
Ubuye waveza ukuthi amakhadi okuhola izibonelelo zikahulumeni awasenziwa yiSassa kodwa enziwa eposini.
“Uma umuntu efaka isicelo sesibonelelo esisha uye acelwe ukuthi eze ne-akhawunti yasebhange ukuze uma esehola imali ingene ebhange lakhe. Labo abangenawo ama-akhawunti asebhange bayacelwa ukuthi bayowavula. Lokhu sikwenzela ukulwa nenkohlakalo nokukhwabanisa,” kusho uNksz Godlwana.
Uthe abahola izibonelelo ngamakhadi akwaSassa okuye kwenzeke bawalahle bayalelwa ukuthi bayokwenza amasha eposini lapho bezenzela izinombolo eziyimfihlo zokukhipha imali.
Uthe akusikona ukuthi iSassa ayilwi nenkohlakalo ehlanganisa ukukokotelwa kwamakhadi kodwa inazo izinhlelo ezibalwe ngenhla futhi izobheka nezinye njengoba iSouth African Reserve Bank yasho ukuthi ikhadi lakwaSassa kumele lishintshwe ngenxa yezinselelo ezithile.
Uphethe ngokuveza ukuthi baningi asebeboshelwe inkohlakalo nokukhwabanisa kwaSassa okuhlanganisa abasebenzi bale nhlangano, osomatekisi namalungu omphakathi ajwayelekile.
Ukubika ngezigameko zobugebengu ezithinta iSassa noma izibonelelo zikahulumeni umphakathi ungashayela u-0800 43 43 73.