ISASHAQEKILE imindeni yabafana ababili okutholakale izidumbu zabo zinamanxeba okushaywa nawokudutshulwa, zilahlwe emhlangeni eduze nomfula uMngeni, eClermont ngoLwesithathu.
Kubikwa ukuthi babeyisishiyagalolunye bebonke ngobusuku bangoLwesibili, okuthiwa babanjwa ngabo beyokweba izingulube, emzini womlungu owakhe eduze kwelokishi, iClermont.
Laba bangani abaphinde babengomakhelwane, kuthiwa babonwe ngonogada abasebenza kulo muzi, bazama ukuya lapho okugcinwa khona izingulube. Kwaqhuma isibhamu kaningana sibhekiswe ngakubo, kubikwa ukuthi sadubula uSiphesihle ozwakale esekhala ngokulimala.
USiphosakhe Ngwazi (18) noSiphesihle Dlamini (20) baseLindelani, kuthiwa izidumbu zabo zitholwe ngabangani babo abebehamba nabo ngobusuku abadutshulwa ngabo.
Umngani wakhe uSiphosakhe, kubikwa ukuthi wabuyela emuva ethi uyomsiza. Kuthiwa abangani babo babashiya bobabili, babuyela emakubo.
Ekuseni bavukela lapho okulimale khona abagilwa kodwa bangabafica. Kubikwa ukuthi balandele igazi ebelikhomba ukuthi abangani babo bebehudulwa. Kuthiwa bafike kunogada ababili ababezama ukufihla izidumbu zabagilwa, babalinda baze bahamba.
Izidumbu zabangani babo, kuthiwa bezikhomba ukuthi baqale batitinywa ngaphambi kokuthi babulawe. Ilungu lomndeni wakaNgwazi, elicele ukuthi igama lalo ligodlwe, lithe isimo simuncu emndenini ngesigameko esibehlele.
“Okubuhlungu kakhulu wukuthi bengingenalo ulwazi lokuthi le ngane ( Siphosakhe) iyaganga ngoba ibihlezi ilala layikhaya nsuku zonke. Ngiyakweshwama nje ukuthi ubengekho ngobusuku okwenzeke ngabo isigameko,” kubeka leli lungu.
Lithe kusazothatha isikhathi ukuthi likhohlwe yinto eliyibone endaweni yesigameko.
“Umuntu obulalele izingane ubengeke azijezize ngale kokuthi aze azibulale, bese esithinta njengabazali siyozilanda ? ” kubuza ilungu.
Unina omncane kaSiphesihle, uNksz Nonhlanhla (24) Dlamini, uthe bakhathazwa wukuthi izingane zabo zibulawe zingahlomile.
“ Sikhathazekile ngokusehlele futhi siyafisa ukuthi izinyembezi zethu zesuleke ngokuthi umthetho ujezise loyo othintekayo kuleli cala,” kusho uNksz Dlamini.
Abagilwa bobabili bebefunda ugrade 11esikoleni iMandlenkosi High, eNtuzuma.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, usiqinisekisile isigameko sokutholakala kwezidumbu ezimbili zinamanxeba okudutshulwa.
“ Amaphoyisa aphenya amacala amabili okubulala .”