Izindaba

Isasasa kutheleka uDuduzane

Simphiwe Ngubane|Published

KUBE nenkulu inhlokomo kufika uDuduzane Zuma emgubheni we-ANC izolo Isithombe: SIHLE MAVUSO KUBE nenkulu inhlokomo kufika uDuduzane Zuma emgubheni we-ANC izolo Isithombe: SIHLE MAVUSO

KUBE nenhlokomo emcimbini we-ANC KwaZulu-Natal wokugubha iminyaka ewu-108 yasungulwa ngesikhathi kutheleka uMnuz Duduzane Zuma, indodana yowayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma.

UDuduzane utheleke ngesikhathi kukhuluma iPhini likaSihlalo we-ANC, uMnuz Mike Mabuyakhulu. Ungene ngemuva kwesteji enkundleni Ugu Sports and Leisure Centre, eGamalakhe, wadlula itende lezicukuthwane eqonda ezinkumbini zabantu abebethamele umcimbi izolo.

Kusize uMnuz Bheki Ntuli, uNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal, oye kuDuzuzane wafike wakhuluma naye isikhashana emcela ukuthi abuye ezihlweleni ayohlala etendeni lezicukuthwane.

UNtuli uke wanyukelwa nawumoya ngesikhathi ekhuza izintatheli ebezilandela uDuduzane zimshutha ezitshela ukuthi umcimbi awukho kuDuduzane kodwa usesteji lapho bekuhleli khona ubuholi be-ANC bukazwelonke nobesifundazwe.

UDuduzane ulandwe ezihlweleni esathwebula izithombe nama-video nabebethamele lo mgubho, iningi labo obekungabesifazane abebekikiza bethi bayamthanda noyise.