ZIYANDA izinkinga zeSouth African Post Office (SAPO) njengoba uMcwaningi Mabhuku Jikelele uNksz Tsakani Maluleke ethole ukuthi alinayo imali.
Embikweni odedelwe kuleli sonto kuvela ukuthi iSapo imoshe ngaphezu kuka-R200 million okusho ukuthi imali emoshiwe inyukile isuka kuR26 million.
Uthe iSAPO iyibhizinisi elingenamali.
Uveze ukuthi onyakeni wezimali ka-2019/2020 iSapo ilahlekelwe wuR1.7 billion.
Ngenxa yalezi zizathu uyinike umbiko omubi wokucwaningwa kwamabhuku ohambisana nemibandela eminingi okufanele ilungiswe.
“Angizange ngithole ubufakazi obuphathekayo bokuthi imali ishonephi. Amabhuku awaphethwe kahle eSapo. Ngithole ukuthi ayikho imininingwane eyeseka ukuphathwa nokusebenza kwemali,” kusho uNksz Maluleke.
Uthe abukho ubufakazi bokuthi izikhulu ezimoshe imali zizothathelwa izinyathelo noma sezike zaqondiswa ubugwegwe.
Kuzokhumbuleka ukuthi ekuqaleni konyaka iSapo iphoqeleke ukuxoxisana nomastende bayo ukuze kungavalwa amagatsha awu-53 eposi. KwaZulu-Natal bekuvalwe amagatsha amabili eliseMpendle neliseMthwalume.
Lokhu kwenzeke emuva kokuthi iSapo ihlulekile wukukhokha irenti.
Kulindeleke ukuthi izinto zishintshe njengoba iSAPO isinesikhulu esisha okunguNkk Nomkhitha Mona. Yayigcine ukuba nesikhulu esiphezulu ngo-2019.
Khonamanjalo iSAPO itshele iCommunication Workers Union (CWU) ukuthi ayikwazi ukunyusa amaholo abasebenzi kulo nyaka njengoba ibhekene nezingqinamba zemali.
ICWU ithe ayineme ngalesi sinqumo ngoba bese kufanele abasebenzi bathole umholo omusha kulo nyaka.