INHLANGANO yabahleli iSouth African Editors Forum (Sanef) ithi ikhathazekile futhi idumele ngesigameko sokuhlukunyezwa kwezintatheli ngesikhathi zisebenza embhikisweni wabalandeli beMeya yaseThekwini uNkk Zandile Gumede.
“ISanef ikhathazekile ngezigameko eziqhubekayo zokuhlukunyezwa nokwesatshiswa kwezintatheli. Sinxusa abaholi neziphathimandla zomthetho ukuba benze isiqiniseko ukuthi izintatheli ziphephile.
"Akusona isigameko sokuqala ukuthi izintatheli zihlaselwe odabeni oluthinta iMeya yaseThekwini,” kusho isitatimende seSanef.
ISanef ithe ziningi izindlela ezikhona ezingasetshenziswa uma kukhona onganeme ngokusebenza kwentatheli ethile.
Isitebela sezindaba i-Independent Media sikugxekile kakhulu ukuhlukunyezwa, ukuhlaselwa nokushaywa kwezintatheli ngemuva kwesigameko sokushaywa kwentatheli uMnuz Sihle Mavuso.
UMavuso uhlukunyeziwe washaywa ngamaphoyisa omkhandlu ngesikhathi esebenza embhikishweni wabalandeli beMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede izolo.
UMavuso ubonakale kwi-video ebanjwa ngesidlozana ngamaphoyisa, emshaya emlalisa phansi emgwaqweni ngendlela okwenziwa ngayo uma kuboshwa izigebengu.
Ukuhlukunyezwa kukaMavuso, kulandele isigameko sokuhlukunyezwa kwezinye izintatheli zase-Independent uMnuz Piet Rampedi noMnuz Mzilikazi wa Afrika.
URampedi noWa Afrika bafake isikhalo bavula necala lokwesatshiswa ngemuva kokulandelwa yizimoto abangazazi ebezisolisa.
URampedi uthathe izithombe zezimoto ebezibalandela.
“I-Independent Media ikhathazekile ngokunyuka kwezigameko zokuhlukunyezwa kwezintatheli eMzansi.
"Ukuze intando yeningi isebenze, izintatheli kumele zikwazi ukwenza umsebenzi wazo ngokukhululeka nangaphandle kokwesaba,” kusho isitatimende esithunyelwe uphiko lwezokuxhumana e-Independent.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka naye ukugxekile ukuhlaselwa kwezintatheli eCity Hall.
Uthe abezindaba kumele bakwazi ukwenza umsebenzi wabo ngokukhululeka ngaphandle kokwesatshiswa. UHlomuka usejube izikhulu zomnyango wakhe ukuba zimnike umbiko ogcwele ngalesi sigameko.
NoSihlalo we-IFP kuzwelonke, uMnuz Blessed Gwala ukugxekile ukuhlaselwa kwezintatheli embhikishweni wabalandeli bemeya. Uthe amaphoyisa kumele abophe izigebengu hhayi izintatheli.
Unxuse amaphoyisa ukuba asebenzise umfutho ofanayo noma ebopha izigebengu ezibulala abantu.
UGwala uphinde wanxusa uNgqongqoshe wezokuPhepha eKZN uMnuz Mxolisi Kaunda ukuba aphenye ngalesi sigameko.
UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mdumiseni Ntuli ucashunwe kwabezindaba ethi bayawugxeka umbhikisho wabalandeli bakaNkk Gumede. Khonamanjalo, iDA eThekwini yona inxuse amaphoyisa akuba ababophe abalandeli bakaNkk Gumede.
Umholi wekhokhisa yeDA eThekwini uNksz Nicole Graham uthe akukwazi ukuthi kuvunyelwe abantu ukuba badale ukuthi lungabikhona uzinzo edolobheni.