UMBUTHO wezokuvikela kuleli, iSouth African National Defence Force (SANDF) uthi umbiko webhodi lezoluvikela mayelana nezinsolo zokubulawa kukaMnuz Collins Khosa ungujuqu.
Ukuqinisekiswa kweSANDF ngokuthi lo mbiko ungujuqu kusemqulwini ofakwe eNkantolo eNkulu yasePretoria, iNorthern Gauteng.
Umbutho bewuyalelwe ukuba uphenye ngokuziphatha kwamalungu eSANDF esigamekweni esaholela ekufeni kwelungu lomphakathi uKhosa ngesikhathi engaboni ngaso linye namasosha namaphoyisa kaMasipala waseGoli.
Umndeni kaKhosa ukholwa wukuthi ilungu lawo lafa ngenxa yokushaywa ngonogada. Ube sewuthatha udaba lwawo waliyisa enkantolo ukuphoqa uNgqongqoshe woMnyango wezokuVikela ukuba ulubhekisise.
Inkantolo eNkulu ithathe isinqumo esihambisana nomndeni futhi yayalela ukuba kube nophenyo lwangaphakathi ekubeni uphenyo lwebhodi lawakhipha phambili amalungu ezokuvikela ekufeni kukaKhosa.
Kube nokudideka ekuqaleni kwesonto kulandela ukuvela kukaNgqongqoshe wezokuVikela, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula ePhalamende, lapho ecashunwe ethi umbiko webhodi lombutho wezokuvikela ngokufa kukaKhosa awukaphothulwa.
NgoLwesihlanu iSANDF iqinisekise ukuthi umbiko sewungujuqu futhi ngeke lusavulwa uphenyo.
"Uphenyo lwebhodi lwalungaholwa nguNgqongoshe futhi alibiki kuye. Ngakho okuqinisekisiwe enkantolo ukuthi iSANDF iluphothulile uphenyo lwayo lwangaphakathi ngesikhathi ebinqunyelwe sona ngokomyalelo wenkantolo.
NgoJuni 2, 2020, ngesikhathi ekhuluma nekomiti elihlanganyelwe, uNgqongqoshe wakubeka ukuthi ngokombono wakhe alukho uphenyo lwebhodi oseluphothuliwe njengoba atshelwa ukuthi uphenyo seludluliselwe emuva kwiNhloko yeSANDF futhi lungase luvuwe kabusha ukuze luphenywe kabanzi.
UNgqongqoshe uthe ucela ukwehlela ngezansi uma kungenzeka ukuthi inkulumo yakhe ayethula phambi kwePhalamende yadala ukudideka ngalolu daba. Lokhu uthe kwakwenziwa wumbiko ayewutholile ngaleso sikhathi.