Kulimale imoto kathisha umfundi eyiphosa emseleni.
Image: Arrive Alive
Imoto kathisha waseJan Kempdorp, eNorthern Cape, ilimele kanzima ngemuva kokuthi umfundi webanga 11, obekumele ngabe uyayiwasha, uyithathe kungavunyelwene wacanasa ngayo edolobheni kanti uzothola ingozi eyiphosa emseleni.
Abafundi baseVaalharts Combined School, e-Jan Kempdorp bebenohlelo lokuqoqa imali ngezindlela ezahlukene. Ithimba labafana linqume ukwenza ibhizinisi lokuwasha izimoto zothisha.
Kulimale imoto kathisha umfundi eyiphosa emseleni.
Image: Arrive Alive
Ngemizamo yokubeseka, u-El-Zane du Plessis unikeze abafundi bebanga le-11 izikhiye zemoto yakhe ukuba bayiwashe. Abafundi batshele uDu Plessis ngezithuba zabo-1 emini ukuthi abafana abathathu baphume esikoleni ngemoto yakhe. Lo thisha oneminyaka engu-26 ubudala uthuke kwaphela nasozwaneni ethola ukuthi umshayeli obeshayel a imoto yakhe yohlobo lweVolkswagen compact SUV entsha iphoseke emseleni.
Umfana obeshayela utshele uthisha ukuthi ubevika inja kanti imoto izophaphalaza. Abazibonele bathi ubeshayela budedengu, owesifazane obesendaweni yesigameko uthi imoto icishe yamshayisa kanye nengane yakhe, kodwa umshayeli wavele wayigoqa yase iphaphalaza yangena emseleni.