UNGQONGQOSHE wezoBulungiswa uMnuz Ronald Lamola, uthi baphezu kweqoqo lemithetho elizolekelela ekulweni nokuhlukunyezwa kwabesifazane okulindeleke ukuthi iKhabhinethi isheshise ukuphasiswa kwayo.
Lokhu ukusho emuva kokuba kwande izigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane ngesikhathi sikathaqa.
ONgqongqoshe ababhekele ezokuphepha kuleli, izolo bavele phambi kwekomiti elimele izifundazwe ngodaba lokulwa nobugebengu kuleli.
ULamola uthe baphakamise imithetho ehlukene ezosheshiswa uma isiphasiswe yiKhabhinethi yadluliselwa nasePhalamende.
IPhalamende libe nenkulumo mpikiswano amasontweni amabili edlule lapho abamaqembu aphikisayo bebuze uMengameli uCyril Ramaphosa ukuthi kungani iPhalamende lingakayiphasisi imithetho.
USomlomo wePhalamende uNksz Thandi Modise wangenelela wathi uhulumeni usayibhekisisa esigabeni seKhabhinethi ngaphambi kokuthi idluliselwe ePhalamende.
ULamola uthe isacutshungulwa yiKhabhinethi ukuze kuliwe nokuhlukunyezwa kwabesifazane.
Ukwethulwa kwemithetho kuthiwa kuzoqinisa impi yokulwa nalesi sihlava.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele uthe angu-49 amacala avulelwe amaphoyisa ngoba kuthiwa asebenzisa isihluku selokhu kwaqala uthaqa.
Uthe kula macala angu-49 angu-36 sebuphothulwe ubufakazi.
Uthe ngesikhathi sikathaqa amaphoyisa abophe abantu abangu-267 000 ngokuphula imithetho. Kubulawe namaphoyisa ayisishiyagalombili ngalesi sikhathi.
UCele uthe amaphoyisa abehlale ekhunjuzwa ukuthi aqaphe ezokuphepha elandela umthethosisekelo namalugnelo abantu.
UNgqongqoshe wezokuVikela uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, uthe isigameko sokubulawa kukaMnuz Collins Khosa, wase-Alexandra, okusolwa ukuthi wabulawa amasosha, sisaphenywa.
Uthe kumele balinde uphenyo lwe-Military Ombud, olwakwaSAPS nolwebhodi eliphenya ngalezi zigameko. Uphinde waveza ukuthi uphenyo uma seluphothuliwe bazokunekela izwe okuqukethwe kulo. Umbutho wezokuvikela uhambisana nomyalelo wenkantolo wokuthi amiswe emsebenzini amasosha asolwa ngokubulala uKhosa.