IDUME ngokushubisela izigebengu iReaction Unit SA ephucwe imvume yokusebenza njengoba udaba kade lulalelwe eNkantolo eNkulu eThekwini Isithombe : FACEBOOOK/REACTION UNIT SA IDUME ngokushubisela izigebengu iReaction Unit SA ephucwe imvume yokusebenza njengoba udaba kade lulalelwe eNkantolo eNkulu eThekwini Isithombe : FACEBOOOK/REACTION UNIT SA
INKANTOLO eNkulu yaseThekwini ishaye isigxivizo yavumela ukumiswa kokusebenza kwenkampani yonogada iReaction Unit SA (RUSA) eyaziwa ngokulwa nobugebengu ezindaweni ezifana noVerulam, Phoenix, nasoThongathi. IRusa ibibhekene mahlanze enkantolo nophiko olubheka ukusebenza konogada abazimele iPrivate Security Industry Regulator (Psira)
IRusa igadla ngabaqaphi abahlome ngezibhamu, wuphiko lwabezosizo oluphuthumayo lwezempilo baze babe nendiza enophephela emhlane yokusebenza ezimeni eziphuthumayo. Le nkampani ibambe elikhulu iqhaza ekulweni nobugebengu ibopha imigulukudu ethinteka emacaleni abucayi futhi ize izincome nasekhasini layo likaFacebook. Yilo kanye ke ikhasi labo likaFacebook elibadonsele amanzi ngomsele kanti futhi kunabaqaphi bayo abasolwe emacaleni amabi. Konke lokhu kudale ukuthi iPsira imise ukusebenza kwabo ngoJuni nonyaka. IRusa ibisiphonsela inselelo lesi sinqumo sokumiswa kwayo yaze yafika enkantolo. Ibikhala ngokuthi inabasebenzi abangu-400 abazolahlekelwa wumsebenzi kanti namakhasimende abo angu 6 000 azosala dengwane.
Ijaji uPeter Olsen lithe impela kufanele ihoxiswe imvume yeRusa yokusebenza. Kuthiwa babuye basolwe ngokugqugquzela udlame kuFacebook ngokuthi badedele abantu ukuthi bakhulume amagama anohlevane ekhasini labo, izinto ezifana nokuphawula okuthi “Mdubuleni futhi ngeke sitshele muntu”, “Kodwa umphakathi ubungambulali ngani?”, “Reaction Unit SA sitsheleni ukuthi kungani engashaywanga wamabokoboko ubuso?”
Yona iRusa iphinde isolwe ngokudalula abantu kuFacebook wayo abangase babe wofakazi kwezinye izigameko zobugebengu nokubeka impilo yabo engcupheni.
IPsira ikhiphe imiqingo yobufakazi ekhombisa imibhalo enodlame ebhalwe ekhasini leRusa. Kuvele nokuthi kukhona abasebenzi bayo iRusa abaphenywayo ngamacala okubulala, ukushaya, ukuzama ukubulala namanye.
Uphenyo luveza ukuthi isikhulu seRusa, uMnuz Laude Munien, siphenywa ngecala lokushaya. IRusa ithe iyakweshwama ukuthi kukhona amacala ephenyelwa wona, yathi icela ubufakazi ngalokho.
Isikhulu sakwaPsira, uMnuz Manabela Chauke, sithe bayajabula ngesinqumo senkantolo sokumisa ukusebenza kweRusa. Okhulumela iRusa, uMnuz Prem Balram, uthe bazoqhubeka basebenze ngegama lenye inkampani.
“Siyasihlonipha isinqumo senkantolo kodwa njengamanje enye inkampani yethu izoqhubeka nomsebenzi ngaphandle kokuphazamiseka,’’ kusho uBalram.