UPATRICK Maswanganyi obe yiqhawe le-Orlando Pirates ngokuyishayela elinye lamagoli enqobe ngawo kwiiLamontville Golden Arrows
Image: BACKPAGEPIX
Golden Arrows (0) 1
Orlando Pirates (0) 2
KUBONAKALE ngesikimu se-Orlando Pirates esiqale umdlalo wayizolo weBetway Premiership neLamontville Golden Arrows ukuthi umqondo womqeqeshi wayo, uJose Riveiro, usukowamanqamu weNedbank Cup abazowudlala neKaizer Chiefs ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
I-Pirates efike emdlalweni we-Arrows ishayela phezulu kwazise inqobe ngo 2-1 kwiChiefs koweligi ngempelasonto edlule e-FNB Stadium, iwine ngamagoli kaPatrick “Tito” Maswanganyi noTshegofatso Mabasa.
Ele-Arrows lokubika lishaywe uSiyanda Mthanti esiwombeni sesibili.
Njengoba bekulindelekile, kunabadlali abaningi abamqoka uRiveiro abebaphumuzile kodwa ogqame kunabo bonke nguRelebohile Mofokeng osefomini kulezi zinsuku kodwa ubengekho ngisho ebhentshini. Omunye obengekho ngunozinti uSipho Chaine indawo yakhe ethathwe nguMelusi Buthelezi olizwa ngendaba ijezi kweZimnyama.
UMofokeng ubengomunye wabekubhekiwe ukuthi lo mqeqeshi waseSpain uzobasebenzisa yini ngoba besengcupheni yokweqiwa owamanqamu weNedbank kwazise banamakhadi amathathu aphuzi.
Bawuqalile umdlalo uThapelo Xoki noMaswanganyi abebesengcupheni efana nekaMofokeng kodwa kugqamile nokuphunyuzwa kukaDeon Hotto, Evidence Makgopa, Mabasa noMohau Nkota bonke abasefomini encomekayo kulezi zinsuku.
Njengoba uThalente Mbatha noNkosinathi Sibisi bebengekho ngenxa yamakhadi kowe-Arrows, ukushintsha kwesikimu sePirates kuvulele abadlali abafana noBoitumelo Radiopane, Karim Kimvuidi, Yanga Madiba noButhelezi, ithuba lokuziveza kuRiveiro uma kungenzeka abadinge kowamanqamu ngoMgqibelo.
Bekufanele ziye ekhefini i-Arrows isihamba phambili okungenani ngamagoli amathathu kodwa yadlala ngamathuba alula kulandelana.
Lokhu bekufakazela okushiwo umqeqeshi we-Arrows, uManqoba Mngqithi, ngaphambi komdlalo.
“Amathuba siyawakha kodwa esikwenza uma sesibhekene nonozinti kuyesabeka futhi kuyaphoxa uma ngizokhuluma ngingahlonizi,” kusho uMngqithi kwiSuperSport.
Akabuyanga esiwombeni sesibili uMakhehleni Makhaula obese enekhadi, indawo yakhe yathathwa uSimphiwe Selepe ongene nenhlanhla yegoli likaMaswanganyi.
Ngaphambi komzuzu ka-60, uMthanti ulinganisele ngonyazi lwegoli alakhelwe uVelemseni Ndwandwe. Uyibuyisele ebuhleni iBucs uMabasa ngelakhe alishaye esanda kungena.
Lo mphumela ugawulele iPirates isikweletu samaphuzu esele ngawo kwiMamelodi Sundowns embangweni wesicoco aba yisishiyagalombili yize la maqembu engalingani engemidlalo yeligi ewasalele.