IPHUTHWE yithuba lokuba nguNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, iMeya yaseNewcastle ngemuva kokuboshelwa icala elithinta ukubulawa komholi we-ANCYL waseMalahleni Region.
UDkt Ntuthuko Mahlaba ubethwelwe ngeqoma kuKhongolose ukuba kube nguye ozovala isikhala sikaDkt uSbongiseni Dhlomo.
Imithombo yeSolezwe iveze ukuthi uMahlaba nguyena muntu obezothatha izintambo njengoba uDhlomo eya ePhalamende.
“UDhlomo nguye kuphela kwiKhabhinethi obengudokotela yingakho kucatshangwe igama likaMahlaba. Kuthe uma kuvela lezi zinsolo abhekene nazo kwaqhamuka igama likaDkt Sbu Shabalala,” kusho umthombo ongathandanga ukudalulwa.
Uthe uShabalala uyaziwa kwezempilo futhi uyahlonishwa ngenxa yamagalelo akhe.
Omunye umthombo uveze ukuthi uShabalala uhlonishelwa ukuthi ungumuntu ongakaze avele kwabezindaba kabi.
“Konke kusemseni kaNdunankulu ozofungiswa ngoba uma kunjalo uzothatha uShabalala amfungise bese emqokela ukuba uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal,” kuqhuba umthombo.
Omunye umthombo uthe okhulumela i-ANC, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, nguyena muntu ozojutshelwa kwezempilo.
“Izingxoxo ziyaqhubeka kanti igama likaNomagugu liyavela kwezempilo. Ngomunye wabantu ongawubamba lo mnyango,” kusho umthombo.
Umthombo ubuye waveza ukuthi obenguSotswebhu we-ANC esiShayamthetho, uNksz Nontembeko Boyce, angase ajutshelwe kwesikaSomlomo wesiShayamthetho.
Uthe ngomunye wabantu besifazane abangabaholi kuKhongolose abanamava.
“Uzokhumbula ukuthi i-ANC inqume ukuthi bonke oSomlomo kumele kube abantu besifazane. Nguyena muntu onamava esiShayamthetho ngoba ubehola i-ANC esiShayamthetho.”
Umthombo uthe kuvela negama likaMnuz Mluleki Ndobe, ongase abe nguNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu.
“UNdobe vele igama lakhe liphezulu kodwa bafuna ukususa uNkk Nomusa Dube-Ncube kulo mnyango bese bamfake kulona obuphethwe uMnuz Sihle Zikalala. Kodwa njengoba sisho kulele kuye uZikalala ukuthi ucabangani.
“Uyazi ukuthi abantu abafakwe emagameni amathathu obekuzokhethwa kuwo ozoba uNdunankulu wesifundazwe, uNkk Simelane-Zulu noMnuz Sipho Hlomuka. Kwenziwe ngamabomu ngoba kubalekelwa uNkk Nomusa Dube-Ncube noNkk Peggy Nkonyeni asebemnkantshubomvu ukuze kuqokwe uZikalala,” kusho umthombo.
UNkk Simelane-Zulu uthe abantu abakhuluma kanje bafuna ukuxova i-ANC. “Okokuqala uShabalala akekho ohlwini oluya esiShayamthetho. Okunye ukuthi nina niyaxova ngoba akukaze kukhulunywe kuPEC (Provincial Executive Committee) ukuthi obani abazoba oNgqongqoshe,” kusho uNkk Simelane-Zulu.
Namhlanje kuzofungiswa amalungu esiShayamthetho, kukhethwe uSomlomo wesifundazwe kanjalo nePhini lakhe bese kukhethwa uZikalala kwesikaNdunankulu.