ASALE ekhungathekile amaphoyisa asesiteshini eKhombe, eNkandla, kulandela ukuthi uzakwabo edubule intombi yakhe engunesi ebimvakashele wabe esezingqokloza ekhanda.
Kuthiwa uConstable Sabelo N K Luhlongwane (28), igama lakhe eliphelele elingatholakalanga, uxabane nentombi yakhe uNksz Akhona Qwabe (35), umufi wabe esesebenzisa isibhamu sakhe somsebenzi ukudubula intombi.
Intombi iphuthunyiswe esibhedlela ukuze yelashwe. Izolo kuvele ukuthi isesimeni esibucayi njengoba idubuleke ekhanda.
Isolezwe lithole ukuthi lesi sigameko senzeke lapho kuhlala khona amaphoyisa ngabo-06:20 ebusuku ngoMsombuluko.
Iphoyisa elishonile, kuthiwa belingekho emsebenzini ngesikhathi kwenzeka lokhu.
Umthombo weSolezwe ongashayi eceleni, uthe kunezinsolo zokuthi laba bebebanga indaba yomjolo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele usiqinisekisile isigameko wathi kuphenywa icala lokuzama ukubulala necala ngokushona komuntu.
“Amaphoyisa aseKhombe ayaphenya ngesigameko esenzeke izolo (ngoMsombuluko) ngabo-6.20 ebusuku. Lapho owesifazane oneminyaka engu-35 edutshulwe ngumsolwa owaziwayo. Owesilisa oneminyaka engu-28 naye utholwe edubulekile, isibhamu siseduze kwesidumbu sakhe. Ubenenxeba lokudutshulwa ekhanda, ushonele endaweni yesigameko. Imbangela yalesi sigameko isaphenywa ngamaphoyisa,” kusho uColonel Mbele.
Isolezwe lithole ukuthi lo nesi ubesebenza esibhedlela esikhona kule ndawo.
Umthombo osondelene nalolu daba uveze ukuthi umufi udubule intombi ekhanda, wazitshela ukuthi isishonile, naye wabe esezidubula ngesibhamu somsebenzi.
“Bebebodwa endlini, bexabana. Ube esedubula intombi yakhe ekhanda. Sisola ukuthi uzitshele ukuthi isishonile ngoba naye ube esezidubula ekhanda. Intombi kutholakale ukuthi isaphefumula yaphuthunyiswa esibhedlela eKombe, yabe isiyiswa eNgwelezane,” kusho umthombo ocele ukungadalulwa.
Imizamo yokuthola umndeni wephoyisa elishonile nonesi odubulekile ayizange iphumelele njengoba izinombolo zemindeni zingazange zitholakale izolo kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Lesi sigameko Isolezwe lithole ukuthi sishiye amaphoyisa akulesi siteshi eshaqekile njengoba ebesazikhotha amanxebe kwazise ngoMeyi nonyaka, elinye iphoyisa kuso lesi siteshi ladubula umphathi walo uSergeant Malusi Sibisi (47) washona. Kumanje icala lisenkantolo.