LIDEDELWE ngebheyili kaR20 000 iPhini likaKhomishana wamaphoyisa, uLt-Gen Bonang Ngwenya, ongomunye wabamangalelwa abawu-13 okuthiwa beba imali yamaphoyisa ngamathenda.
ULt-Gen Ngwenya ubevele enkantolo yeMantshi esePalm Ridge, eGoli, izolo.
Icala lithinta amaphoyisa ayisishiyagalolunye nabanye abantu.
ULt-Gen Ngwenya ubekwe icala lenkohlakalo, ukukhwabanisa nokushushumbisa imali ngeqhaza alibamba ukuqinisekisa ukuthi ithenda yokufaka amalambu ezimotweni zamaphoyisa ezingaphezu kuka-1 500 yanikwa usonkontileka othandwa ngabathile ngo-2017.
Uzobuyela enkantolo nabekwe nabo icala ngoNovemba 16 kuya kuDisemba 10.
UKhomishana wamaPhoyisa, uGeneral Khehla Sitole, uzibophezele ukuthi amaphoyisa azosebenzisana nezinhlaka ezihlose ukulwa nenkohlakalo.
USitole uthe kumphatha kabi ukuthinteka kwamaphoyisa ezenzweni zenkohlakalo.
ULt-Gen Ngwenya akusilo iphoyisa lokuqala elisesikhundleni esiphezulu ukuboshwa. Kwaboshwa nalowo owayengukhomishana wamaphoyisa, uGeneral Khomotso Phahlane, owayenguKhomishana wamaphoyisa eGauteng, uMajor General Deliwe de Lange nabanye abakhuzi bamaphoyisa.
“Siyakweseka ukuphenywa kwamaphoyisa nabo bonke abaphula umthetho. Anginayo inkinga uma beboshwa, angihambisani nenkohlakalo. Bekunethimba elibika kimina ebeliphenya ngenkohlakalo ethinta ithenda yango-2017.”
Uthe ukuboshwa kukaLt-Gen Ngwenya ngeke kuwuphazamise umsebenzi wakwandabazabantu emaphoyiseni ngoba bazenzile izinhlelo ezifanele.