Isithombe esigciniwe: African News Agency (ANA)
IPHOYISA lasesiteshini sasePaddock ngaseMargate libhekene necala lokudlwengula indodakazi yalo eneminyaka eyisishiyagalolunye.

Isolezwe lithole ukuthi leli phoyisa elingakaboshwa livulelwe icala yinkosikazi yalo kulandela ukulibamba oqotsheni liphezu kwendodakazi yabo ebusuku.

Ngokuthola kweSolezwe, lo mndeni ubulala ndawonye, nendodakazi ilala nabazali bayo.

Kuthiwa ngelanga lesigameko unina wengane wazumeka, phakathi nobusuku uma ephaphama, wazithela phezu kwalesi sigameko.

Okhulumela uphiko oluphenya amacala athinta amaphoyisa i-IPID, uMnuz Moses Dlamini, ukuqinisekisile ukuthi bayaliphenya leli cala lokudlwengula elibhekene nephoyisa.

Uthe abakambophi umsolwa njengoba besahlanganisa ulwazi oludingekayo kuleli cala.

Icala kuvele ukuthi livulwe ekuqaleni kwale nyanga.

Khonamanjalo, iphoyisa nabasolwa ababili bavele enkantolo yase-Phoenix ngecala lokubulala.

Bagqunywe enkantolo, kulindeleke ukuba bafake isicelo sebheyili ngoLwesine kuyo le nkantolo.

Ngokusho kuka-Dlamini, leli phoyisa elingu-Warrant Officer, lisolwa ngokubulala owesilisa oneminyaka engu-45 ababemsola ngokuntshontsha.

Lesi sigameko senzeka ngoMeyi 11 nonyaka. Kuthiwa umsolwa nomunye uzakwabo baya kubo kamufi, bamthatha ngeveni yamaphoyisa.

Kuthiwa lawa maphoyisa abe esemnikezela kwabesilisa bandawonye. Kuthiwa umufi wabe esokhelwa ngomlilo yilaba balisa ababili.

Umsolwa oyiphoyisa kuthiwa wabe eseyisa lo wesilisa esibhedlela saseMahatma Gandhi. Umufi wafike washonela khona esibhedlela. Umndeni kamufi kuthiwa wabe usutshela amaphoyisa ngokwenzeka. Leli phoyisa libe seliboshwa icala ladluliselwa kwabe-IPID.

“Laba abathathu, okubalwa nephoyisa elilodwa, bazobhekana namacala amabili; elokuthumba nelokubulala. Uphenyo lusaqhubeka,” kusho uDlamini.

Imizamo yeSolezwe yokuthola umndeni kamufi ayizange iphumelele kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.