LISINDE kukubi iphoyisa lishaywa ngamatshe ngesikhathi umbhikisho wosomatekisi abebekhala ngetiyela uba nodlame izolo eNquthu.
UConstable Bongi Gumbi uphuthunyiswe esibhedlela sekukubi ngesikhathi abantu abebebhikisha bethukuthela beshaya amaphoyisa ngamatshe abanye bezitapela ezitolo.
Kugcine sekulandwe uphiko oluqapha imibhikisho lwamaphoyisa eNewcastle ngenxa yolaka lwababhikishi.
Osomatekisi abebengafuni namagama abo bathe sebekhathele ukufelwa izimoto ngenxa yemigwaqo ewubhuqu.
Izikole eziningi kuphoqeleke ukuba zisheshe ziphume ngoba othisha abahlala eDundee bavinjwe ngamathayi avuthayo nangamatshe emgwaqweni u-R33 oxhumanisa iNquthu neDundee.
Bathe bafuna ungqongqoshe azobafakela itiyela angabe esaphendula nesoyi.
Bathe abasafuni elokhu evuselela imigwaqo yobhuqu.
Abantu abebebhikisha bebekade bethengelwe isinkwa nenyama.
UMnuz David Manyathi obuye ahole iSikebhe KwaZulu-Natal, nobehola umbhikisho, uthe bakhathele yizethembiso ezingafezwa ngemigwaqo yabo ewubhuqu.
“Kade sasithenjiswa itiyela kodwa lingafakwa. Uyabona nje nifike nilethe lo gandaganda wokulungisa umgwaqo nawo uvele ugugule kanye kodwa kuphele izinsuku ezimbili umgwaqo ubuyele esimeni sawo esibi. Sithe okungcono kumele uma nigugula nifake namanzi ukuze umbambatheke kodwa anikwenzi lokho. Sesiyabona manje ukuthi nina bosopolitiki kumele sike sinibambe nje nitalajwe kancane ukuze nisebenze. Angithi yikho kunje ngoba kumasipala kuqashwe abantu bokuhamba abangenandaba nosizi lwabantu baseNquthu,” kusho uManyathi.
UMnuz Mabilabila Kunene oyiMeya yaseNquthu, uthe uhla lwezikhalo bazoludlulisela kuNgqongqoshe wezokuThutha, uMnuz Mxolisi Kaunda, bese belinda impendulo ngemuva kwezinsuku eziwu-14.
Uthe naye akaneme neze ngokuthi imigwaqo eminingi eNquthu iwubhuqu ngoba ibulala izimoto okuhlanganisa neyakhe.
UMnuz Pat Dlodlo obemele uMnyango wezokuThutha, uthe uyachaza ukuthi uhulumeni uyazama ukulungisa imigwaqo kodwa abantu bavele bamhhewula bethi ukhuluma amanga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kulimale amaphoyisa amabili embhikishweni. Kuvulwe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza nelokucekelwa phansi kwempahla ngenxa yokuthi kukhona abazitapele ezitolo.