USASHAQEKILE umphakathi wasendaweni eZindophini, eShowe emuva kokuba iphoyisa lihlasele ekhweni lalo, lafike lavulela inhlamvu, labulala unkosikazi walo obesebuyele ekhaya nomukhwe walo.
Emuva kwalokho libe selibhekisa kulo isibhamu somsebenzi maqede lazingqokloza, lafela endaweni yesigameko. Lesi sigameko, esithuthumelise abantu abaningi kule ndawo, senzeke ngoLwesine ebusuku.
Kunezinsolo zokuthi iphoyisa selokhu laqhelelana nomkalo bese linokhwantalala. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, usiqinisekisile lesi sehlakalo futhi wathi amaphoyisa aseShowe aphansi phezulu aphenya icala lokubulala nelokuzibulala.
"Kunezinsolo zokuthi ngoLwesine ngezithuba zabo-6 ebusuku endaweni yaseZindophini, owesifazane oneminyaka ewu-31 nowesilisa oneminyaka engu-62 badutshulwe bashona ngumsolwa owaziwayo. Isidumbu sikamsolwa oneminyaka ewu40 sitholwe sidindilizile nenxeba lesibhamu isibhamu somsebenzi siseceleni kwesidumbu."
*Kwenzeka lokhu nje, nasesifundazweni iNorth West kubulawe abesifazane ababili esigamekweni okusolwa kuso abayeni babo.
Amaphoyisa akulesi sifundazwe aphenya amacala amabili lapho amadoda esolwa ngokudubula, abulale amakhosikazi awo maqede nawo azidubula.
Esigamekweni sokuqala, amaphoyisa abizwe emzini osendaweni yaseLerome ngoMsombuluko lapho izithandani ezishadile zitholwe seziyizidumbu embhedeni. Lokhu kushiwo okhulumela amaphoyisa aseNorth West, uBrigadier Sabata Mokgwabone.
Amaphoyisa akholwa ukuthi indoda kufanele ngabe ibulale umkayo, yabe seyihlala nesidumbu isikhashana ngaphambi kokuzibulala yona njengoba isidumbu sowesifazane bese siqala ukubola ekubeni esayo besingakonakali.
Ngosuku olulandelayo, indoda eneminyaka engu-29 yasePunodung ePhokeng, kunezinsolo zokuthi udubule yabulala unkosikazi (24) maqede wasibhekisa kuye isibhamu.
Lezi zithandani bezishade ngoFebhuwari kulo nyaka. Abazishwashwathayo babika ukuthi unkosikazi ubeke wakhalaza kumamezala ngokuziphatha kwendodana yakhe.
Umamezala uzamile ukungenelela kodwa kwanhlangazimuka nomoya njengoba indoda ithukuthele kwangathi ithelwe ngezibonkolo, okwenze yaxabana nomkayo.
Yikule ngxabano lapho indoda isolwa ukuthi idonse isibhamu maqede yadubula ngaso umufi. Ibe seyizidubula nayo. Izithandani zifele endaweni yesigameko, kwathi umamezala, obesathuka izanya, wabiza amaphoyisa.
OnguKhomishana wamaPhoyisa eNorth West, uLieutenant General Sello Kwena, ushaqekile ngalesi sehlakalo wanxusa amalungu omphakathi ukuba athole usizo lodokotela bengqondo ukuxazulula ukungahoshelani kwawo kunokusebenzisa udlame.
ReplyForward