LONDIWE SHANGE
LONDIWE SHANGE
WANDILE MHLONGO
WANDILE MHLONGO
VIWE TSHAKA
VIWE TSHAKA
THEMBEKA SOKHULU
THEMBEKA SOKHULU

IPHITHENE amakhanda imindeni yabesifazane abathathu baseThekwini ababoshwe ngezinsolo zokushushumbisa izidakamizwa e-United States.

Ababoshiwe ngoNksz Londiwe Shange (27), Wandile Mhlongo (29), Thembeka Sokhulu (36) baseThekwini noNksz Viwe Tshaka (23) ongowaseLusikisiki e-Eastern Cape. Baboshwe ngoNovemba 17 emkhumbini abebesebenza kuwo weMSC. Bavela enkantolo yeMantshi yaseFlorida eMiami ngoMsombuluko.

Ngokwemibiko e-US babanjwe necocaine ka7kg. Uma betholwa benecala bangase bagwetshwe iminyaka eyishumi kuya kudilika jele.

UNtokozo Mlambo, ongumzala kaWandile Mhlongo, uthe ube ngowokuqala emndeni ukwaziswa ngokuboshwa kwakhe kanti nguye okudingeke ukuthi atshele umndeni ngalezi zindaba. Uthe uNksz Mhlongo ubesekwinkontileka yakhe yesithathu esebenza kulo mkhumbi.

“Unina zimuphathe kabi lezi zindaba. Uyazama ukuziqinisa kodwa uyambona uma uhlezi naye ukuthi umqondo wakhe ukwenye indawo,” kusho uNtokozo.

Uthe umndeni uyahluleka ukuqonda ukuthi uzibandakanye kanjani nezidakamizwa.

FUNDA: Abane baboshelwe izidakamizwa e-US

“Besingakaze sizitshele ukuthi angazibandakanya nezidakamizwa. Ngesikhathi sithola izindaba bengizitshela ukuthi mhlawumbe utholwe nesikali esincane abesisebenzisa kodwa uphathwa yi-Asthma futhi uyaziqhelelanisa nezinto ezingabeka isimo sempilo yakhe engcupheni. Ngibone ukuthi lubucayi kangakanani udaba ngesikhathi sengaziswa ngezinsolo ababhekene nazo."

Uthe umndeni awunayo imali yokuya e-United States.

Umfowabo kaNksz Sokhulu, uMnuz Lindokuhle Sokhulu unqabile ukukhuluma nephephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iThe Mercury.

“Sisathukile, siyibone emaphepheni lento umndeni kungakakhulunywa nawo. Okwamanje akukho esingakusho,”usho kanje.

Unina kaNksz Shange, ongalidalulanga igama lakhe naye uthe ngeke aphawule ngento asiyibone emaphepheni.

Okhulumela uMnyango woBudlelwano Namazwe Angaphandle (International Relations and Co-operation)  uMnuz Ndivhumo Mabaya uthe bayaxhumana nababoshiwe.