UMNYANGO wezeMpilo kuleli kulindeleke ukuthi wethule iphilisi elizovimbela ukuthi iziguli ezinegciwane lengculazi zingahlaselwa yisifo sofuba.
Lokhu kushiwo wuNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Zweli Mkhize, ngoLwesithathu ekhuluma nezintatheli esibhedlela iKing Dinuzulu, eThekwini.
UMkhize ubefike esibhedlela ezohalalisela onina bezingane ababelethe ngoNcibijane futhi ezobheka ingxenye yesibhedlela ebilungiswa. Uthe lesi sibhedlela singesinye sezibhedlela ezilapha isifo sofuba futhi esiwenza kahle umsebenzi waso.
“Lesi sibhedlela selapha isifo sofuba esijwayelekile, isifo sofuba esingazweli emakhambini ajwayelekile, iMulti Drug Resistant TB (MDRTB) nesingezweli emakhambini ngokuphindaphindiwe, i-Extreme Drug Resistant (XDRTB). Lokhu kusho ukuthi iziguli zihlala esikhathi eside esibhedlela. Kwezinye izikhathi abahlengikazi bathola isifo sofuba ezigulini abazelaphayo. Leli philisi elisha lizonciphisa ukutheleleka kwabahlengikazi ngoba iziguli ezinegciwane lengculazi zizosebenzisa leli philisi elizobe liwumshanguzo othithibalisa igciwane lengculazi, libuye livikele ukuthi iziguli zihlaselwe yisifo sofuba. Amathuba okuthi abahlengikazi batheleleke ngalesi sifo nawo azoncipha,” kusho uMkhize.
Uthe bewumnyango babonile ukuthi kudingeka amaphilisi athakwe ngezithako ezintsha, azoshesha njengephilisi elithithibalisa igciwane lengculazi, i-tenofovir/lamivudine/dolutegravir (TLD), elethulwe ngenyanga edlule.
“I-TLD iyashesha uma iqhathaniswa nezinhlobo zokuthithibalisa igciwane lengculazi ebezisetshenziswa phambilini. Yenza ukuthi igciwane lingabe lisakwazi ukuziphindaphinda masinyane futhi mancane amathuba okuthi isiguli esiqala ukusebenzisa iTLD sihlaselwe yizifo eziyimixhantela ebezihlasela abaqala ukusebenzisa imishanguzo, ezithinta ukuphazamiseka ekhanda. Leli philisi elizokwethulwa maduze, lizokwehlisa amathuba okuthi iziguli ezinegciwane lengculazi zisahlaselwe yisifo sofuba. Lena ngenye yezindlela esiyisebenzisayo yokulwa negciwane lengculazi. Sidinga izindlela zokulwa nezifo ezintsha njengoba izifo zitshintshashitsha, singabambeleli endleleni endala,” kusho uMkhize.