USALE ungenandawo yokugoba amadlangala umndeni wowesifazane okuthiwa uyiphara edayisa indlu yomxhaso eMlaza.
Kuthiwa owesifazane odla izidakamizwa udayise umuzi abengahlali kuwo kwaH eMlaza ngoR90 000. Izingane ebezihlala kuwo, okukhona kuzo neyakhe, zibone sekufika amadoda ayizidlakela ethi aziphume ngoba umuzi usuthengiwe.
Njengamanje umdayisi akaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo futhi akatholakali nasocingweni.
UNksz Sithakasile Tabhu, udadewabo womdayisi, uthe indlu ibhalwe ngomfowabo omncane. Udadewabo wake wabatshela ukuthi indlu uzoyidayisa njengesinkwa ngoba ayinalo itayitela udinwa ukuthi umfowabo uyamdelela.
“Asinakanga ngoba udla izidakamizwa bese ekhuluma noma yini. Besazi ukuthi ngeke akwazi ukudayisa indlu engabhaliwe yena.”
Uthe indawo okwakhiwe kuyo indlu yathengwa nguye kodwa indlu yomxhaso yakhiwe eseganile kwase kubhalwa umfowabo omncane njengomnikazi womuzi.
“Ngenyanga edlule ngifonelwe ngumama ethi ngiphuthume ekhaya eHarding. Umama ubekhala ethi kufike imoto angayazi ithwele zonke izimpahla ebezisendlini yasekhaya. Umshayeli wayo uthe uthunywe ngudadewethu wathi akalethe izimpahla ngoba umuzi usewudayisile. Sifonele izingane sifuna ukuthola ukuthi zikuphi. Eyami neyakhe zithe uthe azivakashele emakubo wasala eqoqa zonke izimpahla wazilayisha emotweni. Umfowethu ubesemsebenzini.”
Uthe bazame ukuvula icala emaphoyiseni kodwa amaphoyisa abachitha athi ngoba akukho muntu osefike wabakhipha endlini ethi uyithengile abahlale balinde kuze kube uyafika ubakhombisa ubufakazi.
“Asicebise ngokuthi siye enkantolo siyothola incwadi evimbela umuntu othi uthenge umuzi ukuthi asihlukumeze. Bathi asiye kubameli bamahhala nabo basichitha bathi kumele kulindwe kube nomuntu ofikayo kuqala athi uthenge umuzi ukuze kwaziwa ukuthi ubani.”
Ebusuku khona ngenyanga edlule uthe kwafika amadoda amane athi abaphume uma bengafuni ukufa. Emuva kwalokho inkantolo yabanikeza incwadi evimbela amadoda ukuthi angene endlini.
“Awazange ayigqize qakala abuya futhi athi asiphume ngoba ngeke bavume ukuthi alahlekelwe yimali umuntu othenge indlu. Uma sibuza ukuthi ubakhombise buphi ubufakazi bobunikazi bendlu, athe ubenencwadi efungelwe amaphoyiseni. Ikhansela lithe asiye kwamasipala sibuye nencwadi ekhombisa ukuthi ubani umnikazi womuzi siyikhombise ikomiti,” kukhala uNkszTabhu.
Ikhansela, uMnuz Thabani Nyawose, lithe indlu yomxhaso ayidayisi futhi ayiqashisi.
“Uma itayitela lingakaphumi kwamasipala isuke ikhona imininingwane ekhomba ukuthi umuzi okabani,” kusho uNyawose.