INYUVESI yaKwaZulu Natal iphika owesifazane owabonakala eshaywa etekisini elalisuka eMgungundlovu liya eThekwini emasontweni edlule.
Ngesonto eledlule Isolezwe lishicilele udaba lowesilisa uMnuz Maurus Ndlangisa owayegeqa amagula ngokwenzeka etekisini njengoba avela kwi-video eshaya owesifazane okuwuNksz Fezeka Mtolo.
INyuvesi yaKwaZulu Natal ikhiphe isitatimende izolo iphika ukuthi uNksz Mtolo uyisitshudeni kule nyuvesi, emva kokuba atshela Isolezwe ngesonto eledlule ukuthi yena uyisitshudeni kule nyuvesi futhi wenza izifundo zeBachelor of Social Science eHoward College.
“Inyuvesi yenze uphenyo emva kokuzwa ngalesi sigigaba kodwa asikho isitshudeni esinalamagama esifunda kulesi sikhungo,” kuchaza i-UKZN esitatimendeni.
Isolezwe lithinta uNksz Mtolo ngokushiwo iNyuvesi ubhoke ngolaka wabuza ukuthi aluyekwa ngani lolu daba ngoba selumhlukumeze kakhulu, lwahlambalaza nomndeni wakhe, futhi wanika iphephandaba isibongo esingekho kumazisi wakhe ngamabomu.
“Nabhalelani ukuthi mina ngithi angithandani nabashayeli bamatekisi? Uma bengishaya endleleni nizothini?” kusho uNksz Mtolo.
Uqhube wathi yena uyisitshudeni sale nyuvesi.