Izindaba

Inyanga yodumo ifuna kubuye amalobolo

Thokozani Ndlovu|Published

INYANGA yodumo uMnuz Nhlanhla Cele, uthi abelaphi bendabuko kumele bazinuke amakhwapha ngokunganikwa ithuba wuhulumeni ukuthi balaphe iCovid-19 Isithombe: THOKOZANI NDLOVU

LUSENKANTOLO olwenyanga yodumo yaseMlaza, efuna kubuye izinkomo zayo zelobolo ngemva kokuxabana nomkhwekazi wayo. Inyanga isola umkhwekazi ngokuthi uyiphuce unkosikazi wayo ngoba eyisola ngokulambisa indodakazi yakhe.

Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo ukuthi inyanga uMnuz Nhlanhla Cele, edume ngelikaSbushebushe, ibophe umkhwekazi wayo ngokumchapha ngenhlamba futhi ifuna imali yakhe yezinkomo zamabheka.

USbushebushe kuthiwa ngo-2013 walobola unkosikazi wakhe uNksz Phumzile Magoso ngoR98 000. Inkinga kuthiwa isuke ngokuthi unina womkakhe uNkk Magoso uMaKhumalo, afike emzini kaCele athathe indodakazi yakhe, wabuyela nayo emuva ngaphandle kokwazisa umyeni wayo.

“ UNkk Magoso ubesola uCele ngokuthi akayondli indodakazi yakhe yingakho efike wayithatha engekho. UCele uzamile kaningi ukuthi akhulume nomkhwekazi wakhe ukuthi abuyise umkakhe kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Kunalokho uNkk Magoso ubevele amchaphe ngenhlamba uCele.

“Lokho kuze kwaphetha ngokuthi uCele afake umkhwekazi wakhe kubameli ngesenzo sakhe. Kuyamcasula uCele ukuthi ubelambisa umkakhe njengoba ingekho into abengayenzeli unkosikazi wakhe. Ngisho neYellow Lounge kaCele eseMlaza, yayakhelwe yena unkosikazi wakhe ngenxa yokuthi ubeyintandokazi ngoba ubengunkosikazi wakhe omncane, ongowesine,” kusho umthombo.

Isolezwe ngeSonto liwabonile amaphepha asenkantolo njengoba icala belingenile eNkantolo yeMantshi eMlazi ngoLwesithathu futhi libuyela ngo-Agasti 23. Ummeli kaCele, uMnuz Trevor Nkosi uthe uNkk Magoso ubhekene namacala okwehlisa isithunzi sale nyanga futhi uzohlawula kanzima uma elahlwa yicala.

“ Elinye icala esilifaka enkantolo elibhekiswe kuNkk Magoso, elokuthi abuyise imali yelobolo kaCele ngoba wamphuca unkosikazi wakhe eselobolile,” kuchaza uNkosi.

Omunye umthombo osondelene nomkhwekazi kaCele kodwa ongafunanga ukudalulwa, uthe sebekhathele nguNkk Magoso nodaba lwendodakazi yakhe. Wathi nomndeni usubaxoshile ekhaya nendodakazi yakhe njengoba bewuthela ngehlazo.

Unkosikazi kaCele, uNksz Ntokozo Magoso, unqabile ukuphawula ngodaba. Kuthintwa uMaKhumalo ongumkhwekazi kaCele, ucingo lubanjwe ngenye yamadodakazi akhe enguNksz Khanyi Magoso, yanqaba ukuthi kukhulunywe nonina.

“ UCele usijwayela kabi, buza yena ukuthi umama wamlandelani udadewethu kwakhe. Ngeke ukwazi ukukhuluma nomama futhi ngeke ngikunike nenamba atholakala kuyona,” kusho uNksz Magoso, evala ucingo.

Ethintwa uCele uvumile ukuthi unkosikazi wakhe uhambile ekhaya.

“ Ngeke ngisakwazi ukumbuyisa unkosikazi wami ngoba sibophene nomkhwekazi. Into angicasula ngayo ukuthi uyangithuka uma ngikhuluma udaba lukankosikazi wami. Angazi noma ucabanga ukuthi ngokuhamba kwakhe ngizoba nendlala yocansi yini? Angixakekile nginamakhosikazi amathathu akhona kumanje, yena ubengowesine. Kumanje ngilobola ezinye izingoduso zami ezintathu engizogcagcelwa yizona,” kusho uCele, ngokugigiyela.

Ebuzwa ukuthi njengoba efuna izinkomo zamabheka ngabe kukhona yini lapho ashoda khona ngasezimalini? Uthe unemali yonke akashodi kodwa ucasulwa ukwenziwa isilima ebe elobolile. Wathi umsebenzi wakhe usukhule kakhulu manje ngoba usenamagatsha naseBhizana, Mthatha naseKokstad nakwezinye izindawo. Wathi imishanguzo yakhe isithuthuke ngenye indlela ngoba uphendule eminye imikhiqizo yakhe wayenza amaphilisi, okukhomba ukuthi ibhizinisi likhulile.