USHAYANA ngamakhanda umndeni wenyanga yaseMaduladula, eNquthu, ebulawe phambi kwesiguli sayo yashiswa nendlu.
UMnuz Senzo Mncube (29) kodwa owaziwa ngesibongo sakoninalume kwaShabangu, uhlaselwe amadoda amabili ngoMsombuluko ebusuku elele. Afike amfuna imali maqede amgwaza, amnquma uqhoqhoqho phambi kowesifazane abemelapha, ase emudlwengula eshintshana ngaye.
Owesifazane odlwenguliwe uthe namanje izwi lakhe alipheli ezindlebeni zakhe lisho ngendlela efanayo naleyo ebemuzwa ekhala ngayo.
“Mina bathe angivale amehlo ngesikhathi bemgwaza baqeda lapho bangidlwengula bephindelela bobabili. Angibabonanga nanokuthi bebengobani. Bengizele ukuzokwelashwa,” kusho umdlwengulwa eligodliwe igama lakhe.
Umndeni obungenayo imininingwane egcwele ngokwenzekile, uthe ushaqekile usuthola ukuthi uqale wagwazwa wabe eseshiswa.
Uninalume kaMncube, uMnuz Meshack Shabangu (67), uthe umshana wakhe ubeseqede nokulobola ekhweni lakhe kwaMabaso.
“Mina ngithole ucingo lokuthi kuyasha ekhaya. Kuthe uma ngigijima ngathola uphahla selungene phakathi. Ngithathe ugodo ngizama ukumcinga ngalo lavele laqondana naye ngamtakula eseshe waphela, izingalo nemilenze kungasekho. Ngisho ikhanda alikho asilitholanga. Okubuhlungu wukuthi abasekhweni lakhe bafike lapha basithuka bashiya abangalazi. Bathi sizolikhuluma iqiniso ukuthi kwenzekeni. Abafunanga ngisho ukudla ngendlela abacasuke ngayo,” kusho uShabangu .
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu- Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe bavule icala kokubulala nelokudlwengula kodwa akukaboshwa muntu.
Ngisho omakoti bakwaShabangu bathwala izandla ekhanda uma bekhuluma ngokuthukwa ngabasekhweni likamufi abathi bebebabuza ukuthi yini bengazi ngokwenzekile.
“Thina sikuqala ngawe bhuti konke lokhu futhi besingazi nanokuthi kunentombazane ebikhona. Thina sazi ukuthi uSenzo ushe nendlu. Ngisho ithwasa lakhe lakwaNgubane lithi alizange lizwe lutho futhi nale ntombazane aliyibonanga. Ngikhuluma nje lithathwe wumndeni walo labuyela ekhaya. Isililo esikulo nkosi yami ngiyasesaba. Nokho siyabonga ukwazi ngoba siyakweshwama konke lokhu kokuthi ubenentombazane abeyelapha njengoba vele ubengudokotela wesintu, elapha ngamakhambi,” kuchaza omunye umakoti ongathandanga ukudalulwa.