KULINDELEKE ukuthi izinga lomnotho KwaZulu-Natal linyuke nabantu abawu-235 bathole umsebenzi uma sekwakhiwe inxanxathela yezitolo eBhamshela, eNdwedwe.
Sijabulise umphakathi waseNdwedwe isimemezelo esethulwe izolo uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha, uMnuz Sihle Zikalala. Ungqongqoshe uthe ukwakhiwa kwenxanxathela kuzokwenza ukuthi umphakathi ungabe usaya kude uma uyothenga njengoba kuzoba khona izitolo ezinkulu. Ukwakhiwa kwezitolo kwenziwe wuhlaka lukahulumeni wesifundazwe, iKZN Growth Fund.
UZikalala izolo uhlabe isoyi lokwakhiwa kwenxanxathela yezitolo ezodla uR61.4 million.
Kuvele ukuthi likhulu isasasa kosomabhizinisi asebefake izicelo zokusebenza enxanxatheleni.
Izolo ungqongqoshe uvakashele inkulisa iZizameleni Pre-School ehambisana neMeya yakwaDukuza, uMnuz Ricardo Mthembu. Bebeyonikela ngamakhompyutha namapeni enkulisa. Bobabili bebeyofeza isethembiso ababesenze ngonyaka odlule besekwiKhabhinethi benomkhankaso iSukuma Sakhe emphakathini waseMdlebeni KwaDukuza.
Ungqongqoshe uxolisile ngokuthi baphuze ukubuyela ukuzofeza isithembiso.