KUSOLWA uthisha ngokudlwengula umfundi eFolweni
Image: File
BAVUKE umbhejazane abazali baseCelubuhle Primary, eFolweni, kulandela ukuzwa amazwi okuthiwa akhishwe nguthishomkhulu walesi sikole kumzali kamgilwa okuvela ukuthi "udlwengulwe uthisha ngaphakathi ekilasini".
Ngokuthola kweSolezwe, isigameko sokudlwengulwa komfundi oneminyaka engu-11, ofunda uGrade 5, kulesi sikole, senzeke ngenyanga edlule.
Unina kamgilwa, ongeke adalulwe ukuvikela isithunzi sikamgilwa, uthe yena uthole ngesigameko ngoMeyi 25, 2025, kulandela ukubizwa kwakhe ngohlola izintombi endaweni.
“Indodakazi yayikade iyohlolwa ngayizolo. Ugogo obahlolayo wangibizela kwakhe ngakusasa, lapho wangitshela khona ukuthi indodakazi ayisaphelele,” kusho umzali.
Uthe umgilwa wehlulekile ukugonyuluka ngesehlakalo kuyena (umzali) nakulabo abahlolayo.
“Ubevele akhale uma ebuzwa ukuthi woniwe ngubani. Kuphele eside isikhathi encengwa ukuthi akhulume, waze wagcina egonyuluka kudadewabo ekhaya,” kusho umzali.
Uthe utshele udadewabo ukuthi isehlakalo senzeka ngosuku yena nomunye umfundi ababejutshwe ngalo wumsolwa ukuthi abasale bahlanze ikilasi.
“Kuthiwa wabe eseyalela le enye ingane ukuthi ishanele uphawini wayo kuqala bese iyahamba. Kuthiwa eyami yasala yashanela yodwa, yathi isiqedile, uthisha wangena wavala umnyango,” kusho umzali.
Uthe wabe eseyiyalela ukuthi igibele phezu kwetafula, wayikhumula wayidlwengula.
Kuvela ukuthi wayidonsa ngendlebe ukuthi uma ike yasho uzoyibulala, ayigqibe.
Uveza ukuthi esetholile ukuthi inukubeziwe, waya eshibhedlela, odokotela bakuqinisekisa lokho, wase eyovula icala esiteshini samaphoyisa eFolweni.
Uthe bathe uma sebeya esikoleni ngoLwesibili ngalolu daba nomseshi, uthishomkhulu, owayekhombisa ukwethuka, wabakhulumela "insumansumane".
“Wasibuza ukuthi ayikho yini enye indlela okungenziwa ngayo, wathi usecabangela ithunzi sakhe nesesikole,” kusho umzali.
Uthe wakhala ngokuthi lolu daba sekuzofanele alubike kubaphathi bakhe, nokho umphenyi okuthiwa wayengenasikhathi, wamtshela emakhaleni uthishomkhulu ukuthi uzohamba naye umsolwa ngaso leso sikhathi.
“Yile nkulumo, engabona sengathi ivikela uthisha eyenza ngaphuma esikoleni, udaba ngalubeka ezithebeni zomphakathi, wavele wavuka umbhejazana,” kulandisa umzali.
Isolezwe lithole ngomunye umthombo walo ukuthi uthisha wamiswa esikoleni emhlanganweni owawuvalelekile, wathi nokho lolu lwazi belungakalethwa ngendlela efanele kubazali njengoba aboMnyango wezeMfundo bengazange balubhade emhlanganweni wabazali obungoLwesithathu.
“Abezanga futhi ababekanga sizathu. Kwakhona lokhu kubadinile abazali, babona sengathi umnyango awuluthatheli phezulu lolu daba njengoba wenzile eSibusisiwe (eMbumbulu), isikole sehlelwe okufanayo,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi sekuqubuke izinsolo zokuthi uthisha ubengaqali ukudlwengula umfundi njengoba sekukhona abafundi asebefunda uGrade 12 kwesinye isikole esiseduze, abathe babonga ukuthi okukamgilwa wamanje kube nenhlanhla yokuvela.
“Okusho ukuthi kade aqala edlwengula izingane uma ezinye zazo sezifunda uGrade 12 esikoleni samabanga aphezulu,” kusho umthombo.
NgoLwesihlanu, kuthiwa kwakukhona inkeshezana (10%) yezingane esikoleni.
Khonamanjalo: Wesulile ekufundiseni uthisha wasesikoleni iSibusisiwe Comprehensive, eMbumbulu, kulandela isigameko sokusolwa ngokudlwengula umfundi (16).
Ngokusho komthombo weSolezwe, isigameko senzeka lapho okupaka khona izimoto zothisha.
“Kuthe uma sekuvela ngesigameko, isikole sameluleka ngokuthi akavele esule ekufundiseni, nebala wesula ngoLwesine,” kusho umthombo, oveze ukuthi uze waboshwa kwakhe eShowe umsolwa, njengoba ebese ekhale wemuka esikoleni nalapho abeqashe khona.
Police comment…
DoE comment...
Related Topics: