ISWELE amaphiko okundiza yinjabulo intsha yaKwaHlabisa ehlomule ohlelweni lokuxhaswa kosomabhizinisi abasafufusa angaphansi kukamasipala wendawo yakhona.
Emcimbini obekungowokwethula isikhwama sokuthuthukisa intsha engosomabhisinisi kuhlonyuliswe abangu-15 bemikhakha eyahlukene ngezinsizakusebenza zenani likaR10 000, ibhizinisi ngalinye.
UMnuz Kholwani Madida (30) waseMatshamhlophe, KwaHlabisa, wenhlangano etshalayo, iPhansi Ngobubha, uthe phezu kokuba zikhona ezinye izinsiza abasazidinga ebhizinisini labo kodwa mkhulu umthwalo osuke emahlombe abo bethole uxhaso.
"Miningi kakhulu umonakalo ebesihlangabezana nawo engadini yethu njengoba besishoda ngocingo lokubiya. Izilwane ebezizenzela engadini ngeke zisasisihlupha nezithombo zethu ngeke zisaphazamiseka nhlobo. Ngeke sisaba nankinga nasezinhlelweni zethu zokudayisela esinye sezitolo ezinkulu ezidayisa izitshalo esizikhiqizayo," kusho usomabhizinisi.
UMnuz Cebo Manqele waseMakopini, onebhizinisi le-graphic design, uthe sekuzoba lula ukusebenza njengoba bekunemishini abeshoda ngayo ebiholela ekutheni angakwazi ukwenza wonke umsebenzi aziphilisa ngawo.
IMeya yoMkhandlu iBig 5 Hlabisa, uMnuz Comfort Khumalo, uthe ukulekelela intsha ngokunye kwezinto ezisoqhulwini lomkhandlu.
"Njengoba imisebenzi ingekho, siyayigqugquzela kakhulu intsha ukuba ingene emkhakheni wokuzisebenza, ukuze kuvuleke amathuba nakulabo abangasebenzi. Sikholwa wukuthi lolu hlelo luzokwenza ukuthi babe nomfutho wemisebenzi abayenzayo," kusho uKhumalo.
Ephetha, uthe kwezinye izinhlelo ezithinta intsha abamatasa ngazo kumasipala, umkhankaso wokuqwashisa intsha yasendaweni ngobungozi bezidakamizwa notshwala.