UKUBONA abantu bethuthelekela emakethe beyothenga izitshalo nemifino, kwenza uMnuz Muzikayise Mthembu (55) nomfowabo uMnuz Bheki Mthembu (62) ukuba balime izitshalo nemifino abakudayisa elokishini eHammarsdale.
Izelamani zakwaMthembu zisebenzisana nomunye uzakwabo uMnuz Sipho Ngcobo (55) naye othanda ukulima.
UMthembu utshele Isolezwe ukuthi umfowabo (Bheki) ubejwayele ukuyothenga amaklabishi emakethe bese ewadayisela umphakathi nezitolo elokishini nakwezinye izindawo.
“Ngishiye emsebenzini ngoFebhuwari kulo nyaka, bengiwumshayeli weloli. Umfowethu uthe esikhundleni sokuthi aqhubeke nokulanda amaklabishi emakethe kungcono sizitshalele eyethu imifino. Sitshala iklabishi, ispinashi neminye imifino. Umhlaba esiwusebenzisayo sicele imvume yokuwulima sase sikwazi ukutshala,” kusho uMthembu.
Lo msebenzi bawuqale ngoMashi kodwa baphazanyiswa wumvalelandlini.
“Sifunda okuningi kodwa okuhle kunakho konke wukuthi sikwazile ukudala amathuba omsebenzi ayisishiyagalolunye ngokuqasha abesifazane abahlanu nabesilisa abane. Abesifazane basiza kakhulu ukuhlakula nokutshala bese kuthi uma sesivuna kusebenze kakhulu abesilisa. Kuyenzeka ukuthi sidale amatoho uma isivuno sisiningi,” kusho uMthembu.
Ucele abantu abasha ukuthi basukume benze okuthile ngoba imisebenzi ayikho, ngakho kufanele beze namasu okuziphilisa.
“Kasibona ongoti kwezolimo kodwa sikhule sitshala ukudla ngakho namanje sisebenzisa ulwazi lwethu ukuziphilisa. Kubalulekile ukuthi abantu abasha basebenzise izandla zabo ukuziphilisa. Mabeze namasu azosiza umphakathi wabo ngoba yibona ababonayo ukuthi yini edingekayo lapho behlala khona,” kusho uMthembu.
Uthe bafisa ukuthola injini yokudonsa amanzi okuchelela namathangi azobasiza ngoba indawo yabo ibiyiwe. Uphethe ngokuthi bazimisele ngokudala amanye amathuba omsebenzi uma bethola indawo.