INGANE yentombazane eneminyaka emithathu itholakale emgodini ojulile inqunu, ngemuva kwezinsuku eziyisithupha ilahlekile KwaKhula, eDukuduku.
UYamkelwa “Yami” Ndlanzi wanyamalala ekade edlala nengane yomfana enguntanga wakhe yakwamakhelwane.
“Kwenzeka konke lokhu nje umama womntwana wayekhona esendlini. Wathi uma ephuma wafica umntwana engasekho. Wabe esehlaba umkhosi. Umphakathi waphuma ngobuningi bawo wathungatha umntwana,” kusho uNksz Bongiwe Mbuyisa, ongusonhlalakahle kule ndawo.
Uthi zonke izinsuku umphakathi ubulokhu uvuke njalo uthungatha le ngane yentombazane, okuthe ngosuku etholakale ngalo, umphakathi wanqamula emahlathini waze wafika kwesinye isakhiwo esingahlali muntu, ebesikhiyiwe.
“Bezwe umsindo womuntu okhalayo beqa ucingo. Yilapho bethole khona uYami esemgodini, engasagqokile, ephelelwe ngamandla futhi ezama ukuphuma kodwa ehluleka. Uthathwe endaweni yesigameko, waphuthunyiswa emtholampilo ukuyobhekwa ukuthi akanukubezekanga yini ngokocansi. Imphumela ibingakabuyi,” kusho uNksz Mbuyisa.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukanina wengane ayiphumelelanga ngenxa yokuthi ubematasatasa esibhedlela saseRichards Bay, kodwa okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukuthi uYami utholakele futhi usesezandleni zomndeni wakhe.
“Ngemuva kophenyo olunzima lwamaphoyisa endawo, uphiko lweK9 Unit namalungu omphakathi, uYamkelwa utholakele izolo (esho ngoLwesihlanu) emgodini wasendaweni yakwaKhula. Ubengalimele futhi uphuthunyiswe esibhedlela ukuba ayoxilongwa,” kuphetha uColonel Mbele.
UNksz Mbuyisa unxuse abazali ukuba bangahlali imizuzu ephakathi kuka-20 no-30 bengazi ukuthi abantwana babo bakuziphi izinkalo.
“Singabashiyi bodwa. Akube khona omdala kunabo okwaziyo ukukhuluma.
Umphakathi awubambisane namaphoyisa uma kukhona isigameko esikhona futhi uphume inqina ngoba yinto engehlela nanoma ngubani lena.
Abazali abazame ukutshela abantwana ukuthi uma kukhona umuntu ofuna ukuthatha omunye wabo, bakhale kakhulu. Kungasiza nalokho.”
Esephetha uNksz Mbuyisa unxuse abazali ukuthi uma beyophuza noma edolobheni bacelele abantwana komakhewane, bangazishiyi izingane zodwa.