BASALE beshaqekile abomndeni wentombazane eneminyaka engu-14 yaseMsilili, KwaSwayimane, etholwe izilengisile ngentambo endlini emuva kokuba ishayelwe ukubuya phakathi kwamabili ekhaya.
UNolwazi Mkhize (14), utholwe yingane yakubo efunda uGrade R, ezilengisile ngeSonto ngo-3 ntambama.
Umufi ubefunda uGrade 9 KwaSwayimane High. Ngokuthola kweSolezwe, le ntombazane yahamba ngoMgqibelo kubo kanti kusolwa ukuthi yayiye komunye umfana, ibe isibuya phakathi kwamabili.
NgeSonto, yashaywa ubabekazi wayo. Ntambama ngalo iSonto yatholwa izihilele, ithi isisaba ukuthi uyise ngeke ayixolele ngokona kwayo.
Izolo, Isolezwe lithinta umamncane wale ntombazane, uNksz Ntokozo Goqo, uthe bashaqekile ngokwenzekile.
“Ngikhuluma nawe isisu sami sigcwele amanzi. Ngithukile, uma ngibona isithombe sakhe kungathi ngisazombona. Kusishaqe kakhulu ukuthi ingane encane kangaka ingenza into efana nalena. Incwadi kuthiwa uyibhalile, uthe kuyona sekukuningi kakhulu okubi akwenzile kuyise. Uyasaba ukuthi ngeke uyise amxolele. Ube esezihilela. Incwadi ithathwe ngamaphoyisa, asizange siyifice,” kusho uNksz Goqo.
Elandisa Isolezwe uthe: “Bengingekho kwenzeka isigameko, njengoba sikubo manje, basitshele ukuthi ukuzibulala ukwenze izolo (NgeSonto) ngabo-3 ntambama. Uzibulalele kubo, endlini. Usebenzise intambo. Uma bechaza, bathe uke wanyamalala ebusuku basola ukuthi uye emfaneni. Ugogo wangavuma ukumvulela esebuya. Ekuseni uye kotheza ehamba nobabekazi bakhe. Esebuya, ugogo umbuzile ukuthi ubeyephi, njengoba ebuye phakathi kwamabili?
“Incazelo ayizange iphume ukuthi ubeyephi, ngaphandle kokuthi ushaywe wubabekazi wakhe (udadewabo kababa wakhe). Kuthiwa akazange akhombise ukuthi udiniwe yilokho, ngoba ugezile washintsha. Utholwe yingane encane efunda uGrade R, endlini engahlali muntu. Esezihilele kuyo.
“Ubekujwayele ukushaywa nokuthethiswa. Ilokhu okusithusayo ukuthi angaze athathe lesi sinqumo. Unina ubemshaya nje amthethise, ukuthi kwenzakaleni, asazi. Sididekile impela,” kusho uNksz Goqo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, usiqinisekisile lesi sigameko.
“Amaphoyisa aseWartburg, avule idokodo ngokushona komuntu. Ngokobufakazi obusaqoqiwe, ngo-3 ntambama izolo (ngeSonto), intombazane eneminyaka engu-14 itholwe izilengisile eMsilili, KwaSwayimane,” kusho uCol Mbele.