ABANTU baseSokheni ngaphadle kwaseDalton, ngaseWartburg basale bedidekile ngesigameko sokudutshulwa kwengane eneminyaka engu-14 ilele kubo yafa, ngesikhathi kugasela izigebengu ezingaziwa.
UNelile Nonjabulo Mthethwa obephasele uGrade 9 eMakhosonke High, udutshulwe elele kubo ngo-10 ebusuku ngeSonto.
Kuthiwa indoda engaziwa ifike yakhahlela isicabha, yangena endlini yavulela ngenhlamvu. UNelile ubelele nonina nogogo wakhe. Unina akazange adubuleke.
Ugogo kamufi oneminyaka
engu-72, igama lakhe elingeke lidalulwe yena kuthiwa udubuleke emunweni nasesandleni wasinda.
Uphuthunyiswe esibhedlela esiseduzane lapho elashwa
khona.
Akwaziwa ukuthi abahlaseli bebefunani njengoba kungekho okuthathiwe kulokho kuhlasela.
Umakhelwane uNkk Kwenzekile Zulu uthe ubone ngogogo wengane engena nezicabha ethi uyadutshulwa.
“Sisadidekile futhi sisangene ngalesi sigameko ngoba asazi ukuthi kungani umakhelwane ehlaselwe.
Siphume sabaleka ekhaya ngesikhathi kufika umakhelwane ethi uyadutshulwa. Sibalekele komunye umakhelwane. Kumanje sinovalo ngoba asazi ukuthi bazobuya yini abahlaseli,” kusho uNkk Zulu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala uthe akekho osaboshiwe kodwa baphenya icala lokubulala.
“Ingane ena-14 idutshulwe ilele kubo eSokheni ngaseDalton.
Ngokophenyo olusenziwe, indoda engaziwa ikhahlele umnyango wakubo yafika yavulela ngenhlamvu. Ingane ishonele endaweni yesigameko.
Akekho osaboshiwe kodwa amaphoyisa aseDalton asaphenya,” kusho uGwala.
Uthe yize bengakabophi muntu ngokwehlile kodwa kukhona umkhondo amaphoyisa awulandelayo.
Uninalume kamufi, uMnuz Mncengeleni Dladla, uthe bathemba amaphoyisa ukuthi azobopha abasolwa ngoba lesi sigameko siyabadida bengumndeni.
“Asazi kungani sihlaselwe, kwabulawa ingane encane. Konke sesikubeke emaphoyiseni ukuba aphenye abophe abasolwa,” kusho uDladla.