UZOSHAYA ngelinye igiya umcimbi wabesifazane ohlelwa yiSolezwe, ozophuma ngaphandle kweTheku ngenyanga ezayo.
Lo mcimbi obizwa ngeNtandokazi, uzokwenzelwa eWild Coast Sun Hotel and Casino ePort Edward ngoSepthemba 1.
Njengoba kuzobe kuthwasa ihlobo umcimbi uzobe uhambisana nesiqubulo esithi ‘Isiqalo Esisha, Konke kuhle Kuqhakazile.’
Ngesikhathi kunomcimbi wokuqala walo nyaka ngoJuni eThekwini, uNksz Zama Majola wezokukhangisa kuleli phephandaba wamemezela ukuthi Intandokazi elandelayo izoba ngaphandle kweTheku. Lokhu kwajabulisa abesifazane abaningi abangaphuthwa yilo mcimbi.
UNksz Majola uthe bakhethe lesi siqubulo ngoba intwasahlobo imataniswa nokuqala kwezinto ezintsha. Uthe lokhu kusho nesiqalo esisha empilweni, okuyinto okuzobe kukhulunywa nangayo kulo mcimbi. Uthe nakulokhu abesifazane abanamabhizinisi bazothola ithuba lokukhangisa ngawo njengasemcimbini odlule.
Kwabazokhuluma kulo mcimbi kukhona umbhali wezincwadi zothando uNkk Dudu Busani-Dube ozoba yisikhulumi sosuku, uZanele Maphumulo weMabliza
Lifestyle okhuthaza ukuzivocavoca.
UNkk Busani-Dube udume kakhulu ngezincwadi zakhe eziwuchungechunge okubalwa iHlomu The Wife, Zandile The Resolute, Naledi His Love kanti usanda kukhipha ethi Zulu Wedding esuselwe efilimini ezokhonjiswa ema-cinema kuleli.
UNkk Maphumulo kulindeleke ukuthi acebise ngendlela yokuzivocavoca njengoba enza lokho nasekhasini lakhe kuFacebook.
Kukhona noNkk Zanele van Zyl ongumpheki wakwaSpekko ozofundisa ngezindlela zokupheka. Umphathi wohlelo ngumsakazi woKhozi FM uDudu Khoza, kunandise uDumi Mkokstad.
Umcimbi uxhaswe abakwaSpekko abazokhipha nendathane yezipho. Umcimbi uzoqala ngo-10.30 ekuseni kanti amathikithi abiza uR400 kumaComputicket, le mali ihlanganise nezipho. Abazohambela lo mcimbi kucelwa ukuthi bagqokele intwasahlobo okungaba izingubo ezinezimbali noma ezinombala ogqamile. Abafuna ukukhangisa ngamabhizinisi abo bangashayela ku-031 308 2663.
Umyalezo woMhleli: Kule nyanga sizobungaza abesifazane ngokuba nezindaba ezibathinta ngqo ezibathuthukisayo, ezibakhayo, ezibafundisayo, ezibahlomisayo nezibagqugquzelayo. Nsukuzonke kule nyanga sizogqamisa nabesifazane asebephumelele ngehloso yokugqugquzela siphinde sikuvuselele sikukhuthaze ngamazwi obuhlakani akhulunywa yimbokodo engamaqhawe.